Advertisement
logoSections

Kudlalwe i-video kufakaza uMngeni

INDODA esolwa ngokubulala uNkk Anni Dewani yayifuna ukwenza isitatimende emaphoyiseni yize yayingenammeli. Lobu wubufakazi obulalelwe eNkantolo eNkulu eWestern Cape izolo.

I-video edlalwe enkantolo ikhombise uMnuz Xolile Mngeni (osesithombeni) ephonswa imibuzo nguCaptain Adolf Jonker, oyiJustice of the Peace eBellville, eCape Town, ngobusuku bangoNovemba 16, 2010.

Mnuz Xolile Mngeni. Credit: INLSA

UMngeni, etolikelwa, watshela uCaptain Jonker ukuthi wayeyesaba lena enye indoda “eyenze lokhu.” Ngesikhathi ekhombisa ukuba manqika ngokuvuma, uCaptain Jonker ubonakala esho ephindelela ethi ukuqopha kuzomiswa uMngeni aze athole ummeli.

Ngemuva kwesikhathi eside uMngeni engacacisi ukuthi ufuna ukwenzenjani, wabe esetshela uCaptain Jonke ukuthi: “Ngizokwenza isitatimende manje bese ngithola ummeli uma sengiyovela enkantolo ngoba ummeli uzosuke abambezele yonke into njengamanje.”

Inkantolo ibilalele lobu bufakazi ifuna ukuthola ukuthi ngabe umbuso uzosamukela yini lesi sitatimende esenziwa nguMngeni ngaleso sikhathi.

UMngeni uyawaphika amacala okuthumba, ukuphanga, ukubulala nokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni.

SHOW ALL
Advertisement