Kudlwengulwe okhulelwe

Comment on this story
NO RAPPED1 ISOLEZWE OWESIFAZANE oneminyaka engu-20 waseNseleni, eZikhaleni onezithwele ungenelwe owesilisa ilele wamdlwengula phambi kwegane yakhe enonyaka. Isithombe: BONGANI MBATHA

NQOBIZIZWE ZWANE

Ebika eseNseleni

AMNYAMA amaholidi okungena onyakeni omusha kowesifazane waseNseleni, eZikhaleni odlwengulwe owesilisa yize ekhulelwe.

Lo wesifazane onezinyanga ezinhlanu ezithwele uthe amaholidi akhe amuncu emva kokugulukudela kowesilisa ezintathakusa zangoKhisimusi aveze ukuthi wamdlwengula waphindelela phambi kwengane yakhe enonyaka owodwa.

“Ubuhlungu angizwisa bona engidlwengula ngikhulelwe phambi kwengane yami enonyaka naphambi kukababa wayo kuwubuhlungu obungasoze baphela enhliziyweni yami. Isithombe sezinto ayezenza kimi engihlohloloza ngommese engichapha nangenhlamba kudale isilonda okusekude ukuthi siphole enhliziyweni yami,” kusho lo wesifazane.

Elandisa leli phephendaba ngokwenzeka uthe wathuswa ukuphayiza kwesithunzi endlini somuntu owayehla enyuka phezu kwamakhanda abo.

“Ngathi uma ngiphakamisa ikhanda lo muntu wavele wakhipha ummese esihlohloloza ngawo nokuyilapho ashaya khona ubaba wengane yami emboza ngezimpahla ethi angambuki. Wayelokhu emvuthela ngesibhaxu uma ezama ukulwa esho ukumqeda ngommese.”

Eqhubeka uthe akagcinanga lapho kodwa waphumela naye emnyango ngesankahlu efuna ukuhamba naye.

“Angazi noma wayeyonginquma noma wayezongenzani njengoba ngazidela ngathi usengamane angigwaze ngavele ngamemeza nokuyilapho athuka khona wabaleka.”

Ilungu le-Community Policing Forum (CPF) liveze ukuthi izigameko zokudlwengulwa kwabantu besifazane nabesilisa kuyisihlava esesibhoke ngendlela emangalisayo kule ndawo futhi okuyinto amaphoyisa ayihudulela izinyawo uma kufanele ayilandelele.

“Ziningi izigameko zokudlwengula lapha eZikhaleni. Amacala akhona avele aphelele emoyeni ngaphandle kwemizamo enqala. Kunogogo cishe ona-80 owadlwengulwa kule ndawo kodwa kwaphela kanjalo nje. Kunesigameko lapha endaweni esikhulunyelwa phansi somfana ongena ezindlini zabantu adlwengule abantu besilisa ikakhulukazi izingane,” kusho leli lungu.

Liqhubeka ligxeke lo mphakathi ngezinye izigame-ko ezifihlwayo kule ndawo.

“Amaphoyisa aphenya icala lokudlwengula kanye nelokugqekeza kodwa okwamanje akukaboshwa muntu. Uphenyo luyaqhubeka,’’ kusho uCaptain Thulani Zwane okhulumela amaphoyisa eKZN.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.