Kududuzwe imindeni yabafundi

Comment on this story
no Zweli DSC_3613 . UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal uDkt Zweli Mkhize eduduza imindeni yabafundi abangu-10 abashone engozini yeveni eligingqike eBulwer ngoLwesibili. Isithombe: ZANDILE SHANGE

SIMPHIWE NGUBANE

UNDUNANKULU wesifundazwe iKwaZulu-Natal uDkt Zweli Mkhize noNgqongqoshe beKhabhinethi yakhe bakhalisane nemindeni yabafundi abangu-10 abashone engozini enyantisayo yeveni eligingqikile.

Le ngozi yenzeke emgwaqeni u-R117 phakathi kwaseBulwer nase-Underberg ngoLwesibili ntambama. Imibiko engakaqinisekiswa iveza ukuthi umshayeli weveni (oshonile) ubehamba ngesivinini futhi ephuzile.

UMkhize ubehambele indawo yaseDonnybrook noNgqongqoshe wezeMfundo uMnuz Senzo Mchunu nowezeNhlalakahle uNkk Weziwe Thusi izolo beyokhuza lo mshophi wokufa kwabantu ubuthaphuthaphu esifundazweni kulezi zinsuku.

Okhulumela uNdunankulu, uMnuz Ndabezinhle Sibiya, uthe uMkhize ukhale ngokuthi isifundazwe sigubuzelwe yifu elimnyama ngenxa yezigameko ezinyantisayo kusukela kwesaseMankwanyaneni, eShowe okwabulawa kuso abantu abayisithupha emcimbini wokwemulisa.

Uthe lesigameko silandelwe eduze ngesasePomeroy, eMsinga okubulawe kuso abantu abayisishiyagalolunye ngabantu ababentshontsha imfuyo yabo.

“UNdunankulu ukhale ngokulahlekelwa ngabantu abebezoba ngabaholi bakusasa kule ngozi ebingagwemeka. Lezigameko zibuyisela emuva izinhlelo zokuthuthukisa isifundazwe.’’


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.