Advertisement

Kududuzwe imindeni yabafundi

SIMPHIWE NGUBANE

UNDUNANKULU wesifundazwe iKwaZulu-Natal uDkt Zweli Mkhize noNgqongqoshe beKhabhinethi yakhe bakhalisane nemindeni yabafundi abangu-10 abashone engozini enyantisayo yeveni eligingqikile.

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal uDkt Zweli Mkhize eduduza imindeni yabafundi abangu-10 abashone engozini yeveni eligingqike eBulwer ngoLwesibili. Isithombe: ZANDILE SHANGE

Le ngozi yenzeke emgwaqeni u-R117 phakathi kwaseBulwer nase-Underberg ngoLwesibili ntambama. Imibiko engakaqinisekiswa iveza ukuthi umshayeli weveni (oshonile) ubehamba ngesivinini futhi ephuzile.

UMkhize ubehambele indawo yaseDonnybrook noNgqongqoshe wezeMfundo uMnuz Senzo Mchunu nowezeNhlalakahle uNkk Weziwe Thusi izolo beyokhuza lo mshophi wokufa kwabantu ubuthaphuthaphu esifundazweni kulezi zinsuku.

Okhulumela uNdunankulu, uMnuz Ndabezinhle Sibiya, uthe uMkhize ukhale ngokuthi isifundazwe sigubuzelwe yifu elimnyama ngenxa yezigameko ezinyantisayo kusukela kwesaseMankwanyaneni, eShowe okwabulawa kuso abantu abayisithupha emcimbini wokwemulisa.

Uthe lesigameko silandelwe eduze ngesasePomeroy, eMsinga okubulawe kuso abantu abayisishiyagalolunye ngabantu ababentshontsha imfuyo yabo.

“UNdunankulu ukhale ngokulahlekelwa ngabantu abebezoba ngabaholi bakusasa kule ngozi ebingagwemeka. Lezigameko zibuyisela emuva izinhlelo zokuthuthukisa isifundazwe.’’

SHOW ALL
Advertisement