Advertisement

Kuduke imali neselula kufihlwa isitabane

NONHLANHLA MKHABELA

UNINA wesitabane esagwazwa sashona ngempelasonto edlule ufuna kuphenywe ibhungu ekuthiwa lakhipha indodana yakhe endaweni yokucima ukoma laya nayo ukuyochitha amanzi ehlathini.

Lungelo Charles Mchunu. Credit: INLSA

Lokhu ukusho ngesikhathi kufihlwa indodana yakhe uLungelo Mchunu ngoMgqibelo, KwaMashu.

Unina kamufi uNksz Nelisiwe Mchunu uthi kukhona elikwaziyo leli bhungu elibizwa ngoBheki njengoba kuthiwa bahamba elide ibanga futhi bahlala isikhathi eside bengabuyi noLungelo ekubeni intombi yakhe (uBheki) iyona esolwa ngokumgwaza.

“Kukhona akwaziyo lo mfana okuthiwa wahamba naye beyochama, akubanjwe yena akhiphe lonke iqiniso,” kusho uNksz Mchunu.

Uthi kubaphatha kabi bewumndeni ukuthi amaphoyisa ashaya ngonyawo lonwabu ngokuphenya lolu daba.

“Umfowethu useke wawashayela amaphoyisa ucingo, umseshi wamtshela ukuthi ubesematasa ngamanye amacala,” kubeka uNksz Mchunu.

ULungelo obebizwa ngoFanifani, ubeseke waya kofunda eNgilandi okuyithuba alithola ngoba eyingane ehlakaniphile kanti ushona nje ubezilungiselela ukuyoqala izifundo zokwakha.

Khonamanjalo, ibhungu ebelingaziwa emndenini elafika ngoLwesine lizibiza ngomngani kaLungelo selisolwa ngokushaya lichithe nemali engaphezu kuka-R4000 neselula kamufi.

“Lo mfana obengaziwa muntu lapha ekhaya, ngisho nangabangani bakhe uLungelo kabamazi. Wafika ngoLwesine ethi ubone udaba olwaphuma ephephandabeni ngoLungelo. Kuthe izolo wathunywa ukuba eyothenga ugesi wekhadi wahamba unomphelo nokuyilapho sibone khona ukuthi sekunyamalele imali neBlackberry ebingekaLungelo,” kulandisa uNkk Mchunu.

SHOW ALL
Advertisement