isolezwe1
isolezwe-2
isolezwe-3

Kuduke iphoyisa likaMasipala weTheku


no Missing Cop1

INLSA

Kufunwa noma ngubani ongaba nolwazi olungaholela ekutheni kugcine kutholakale iphoyisa lomgwaqo laseWestville, uThami Zondi, osekuyophela isonto engaziwa. Isithombe:Thokozani Ndlovu

NQOBILE MASIMULA

UPHITHENE amakhanda umndeni wephoyisa likaMasipala weTheku osekuyophela isonto lingaziwa ukuthi lashonaphi kade lagcinwa ngoMsombuluko liya emsebenzini.

UMnuz Thami Zondi (43) usebenzela ngasesikoleni samantombazane iWestville Girls High ukuwelisa abafundi umgwaqo.

Umshana wakhe, uMkhanyiso Mthethwa, uthe sebeqala ukuthuka manje ngoba seliyophela isonto bezama ukumthungatha kodwa kube nhlanga zimuka nomoya.

“Okuxakayo wukuthi umalume akaze anyamalale ngale ndlela kunalokho uke asifonele uma engeke abuye,” kusho uMthethwa.

Uthe okunye osekubaxaka wukuthi bebelokhu bemzama bengamtholi ocingweni lakhe kodwa ngoLwesithathu bese lukhala sengathi luvuliwe kodwa lungabanjwa.

no Missing Cop

UMkhanyiso Mthethwa uthi abasalali nasebusuku ngenxa yamalume wakhe uThami Zondi (kwesokunxele) ongaziwa ukuthi ushonephi. Isithombe:Thokozani Ndlovu

INLSA

“Bekuyizithuba zehora lesishiyagalombili ekuseni lapho sithe siyazama ukumthinta lwakhala ucingo kodwa lwangaphendulwa. Luze lwaphinde lavaleka ngezikhathi zasemini,” kusho uMthethwa.

Kuthiwa sekufonelwe cishe zonke izihlobo eziseduze okungenzeka ukuthi ukuzona kodwa zonke ziyazihlangula.

UMthethwa uthe nasemsebenzini bafonile bebuza ukuthi akakabuyi yini uZondi.

Ngosuku agcina ukubonakala ngalo wayegqoke isikhindi sikakhakhi, isikibha esinsundu namateku kanti inyufomu yamaphoyisa omgwaqo wayeyifake esikhwameni asiphatha eceleni.

Amaphoyisa KwaZulu- Natal akuqinisekisile ukuthi kunedokodo lomuntu odukile eliphenywa esiteshini samaphoyisa eWestville.

Kunxuswa abamfanisayo ukuba baxhumane namaphoyisa aseduze nabo ukuze ezoxhunyaniswa nomndeni wakhe.

sign up

Share |  

Facebook icon

Facebook

Twitter icon

Twitter

Google icon

Google

Yahoo icon

Yahoo

Reddit icon

Reddit

del.icio.us icon

del.icio.us

Pinterest icon

Pinterest

Email

Print

  • Rate this article
  • Average reader rating (0 votes) 0 Stars
Cashmere41
I'm a 41 year old man looking to meet women between the ages of 25 and 43.
View Profile
Marc_02
I'm a 36 year old man looking to meet women between the ages of 25 and 36.
View Profile
Doctor221_jpw
I'm a 22 year old man looking to meet women between the ages of 18 and 25.
View Profile
IOL - dating
Animally
I'm a 37 year old woman looking to meet men between the ages of 30 and 45.
View Profile
IOL - dating
fancy24
I'm a 36 year old woman looking to meet men between the ages of 34 and 42.
View Profile
IOL - dating
jenjen26
I'm a 27 year old woman looking to meet men between the ages of 28 and 35.
View Profile