ISOLEZWE
ingozi eyenzeke ku-N2 eThekwini idlule nemiphefumulo yabantu abathathu izolo ntambama.
ISIPHIHLI sengozi eyenzeke emgwaqweni onguthelawayeka u-N2 eThekwini sidlule nemiphefumulo yabantu abathathu izolo ntambama. Kule ngozi kumbondelane izimoto ezingu-18 kwalimala kabi abantu abayisithupha. Enye yezimoto ezibandakanyeke kule ngozi ingene ngaphansi kweloli.
UMnuz Derrick Banks, wezimo eziphuthumayo kwa-ER24, uthe bathole abantu abathathu kuhlanganisa nengane kubo ababelimele kanzima kodwa ababange besakwazi ukubasiza ngoba bese beshonile. Uthe kuze kwadingeka ukuthi kusetshenziswe izindlawu ukutakula abebevaleleke ezimotweni. Kukholakala ukuthi iloli libe nenkinga yamabhuleki liqhamuka entabeni, umshayeli walo wangabe esakwazi ukulilawula.
Kuthiwa iloli lishosholoze laze layoshayisa izimoto emgwaqweni, ezinye lizihudula njengoba laba abashonile bebesemotweni ebingaphansi kwalo.
Kuze kwadingeka ukuthi kubuye kusetshenziswe izicishamlilo ukuze kubhulwe umlilo oqubuke kwenye yezimoto kusha abebephakathi.
UBanks uthe amaphoyisa nezinhlaka ezithintekayo basazophenywa ukuthi le ngozi yenzeke kanjani.
) and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.
Services