Kufe abahlanu kuhlaselwa kwemulwa

Comment on this story
NO ngudwini6 INLSA Basale beshaqekile abantu baseNgudwini eShowe ngesigameko sokuhlasela emzini obekunomemulo kuwo kwashona abahlanu abanye balimala. Izithombe: PATRICK MTOLO

BAWINILE NGCOBO

Ebika eseNgudwini, eShowe

SIPHENDUKE inkundla yempi isigcawu somemulo wezintokazi ezimbili zandawonye eNgudwini, eShowe ngoMgqibelo ngesikhathi iqulu lamadoda lihlasela liqhulula ngenhlamvu kwashona abayisihlanu kwalimala abangu-17.

Kulesi sigameko esenzeke eMankwanyaneni kushone abahlanu angakadalulwa amagama abo kuze kwaziswe izihlobo zabo, okuthiwa bebehamba nabebezohlasela.

Kulimale abantu abangu-17 bezinhlangothi zombili okubalwa kubona nephoyisa lenkosi yendawo ebelizoqapha kulo mcimbi.

UNkk Bhekisiwe Khuzwayo obekwemula amadodakazi akhe uthe uyokuxoxela amagwababa echobana okwenzeke kwakhe.

NO ngudwini1 UMNUZ Hlomesakhe Khuzwayo ekhomba lapho kusale khona enkundleni omunye esigcawini somemulo INLSA

“Bengiphakathi nesigcawu kukhona izintombi, umphakathi nabantu bakithi ekhaya kwaMthembu ngesikhathi kuqhamuka iqulu lamabutho lisho iziqubulo,” kusho uNkk Khuzwayo.

Uthe la mabutho afike agibela phezu kwabantu abebehleli phansi kwaqhuma isibhamu, abantu basukuma bakhala ubumayemaye, bagcwala amahlathi.

Uthe ubethi kushone wonke umuntu ngendlela isibhamu ebesiqhuma ngayo.

UNkk Khuzwayo uthe bayaziwa abantu abebehlasela ngoba bebeholwa ngenye induna yezinsizwa yaseMthonjeni okuyindawo yakhona esigodini sase-Mankwanyaneni.

Kuthiwa abantu bakhishwe emahlathini sebethuthelwa esibhedlela kanti abashonile baphelele esigcawini esingezansi kwesibaya sakwaKhuzwayo.

Abashonile bathathwe ngendiza enophephela emhlane ngoba izimoto azikwazi ukufika lapho kwenzeke khona lesi sigameko.

UNkk Khuzwayo uthe sebelala obenyoni ngoba abazi ukuthi kuzokwenzekani emuva kwalesi sigameko.

Uthe ubona kuhlaselwe umuzi wakhe ngoba engasenandoda esesele nezingane zodwa.

Kusolwa ingxabano ephakathi kwezinsizwa okungacaci ukuthi yasuka kanjani ngokwenzeka kwalesi sigameko.

Umfowabo wabebemula, uMnuz Hlomesakhe Khuzwayo uthe bebengasa-hambelani namabutho aholwa ngenye induna yezinsizwa yaseMthonjeni okuthiwa ibihola abahlaseli.

“Akekho obazi ukuthi sizohlaselwa. Mina ngikhuzile ngibatshela ukuthi akungenwa ngemuva ngoba bebezogxoba abantu abahleli phansi,” kusho uKhuzwayo.

UColonel Jay Naicker wamaphoyisa uthe kuyaphenywa ngalesi sigameko. Uthe amaphoyisa azoqapha ukuqinisekisa ukuthi akukho ukuhlaselana okuzoba khona.

Kuvulwe amacala amahlanu okubulala nokuzama ukubulala labo abalimele.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.