Advertisement

Kufe oyedwa bekhala ngezidingo

NONHLANHLA MKHABELA

KUSHONE oyedwa kwalimala kabi ababili emuva kokuthi beshayiswe yimoto ngesikhathi bebhikisha, bevimba umgwaqo uMngeni eSpringfield ongenela emgwaqweni onguthelawayeka uN2 izolo.

Imfucuza ebisagcwele eminye imigwaqo yasePuntas Hill lapho bekubhikisha khona umphakathi. Isithombe: PATRICK MTOLO. Credit: INLSA

Abantu basePuntas Hill bavuke umbhejazane bavala umgwaqo, bashisa amathayi kusukela entathakusa bekhala ngezindlu nogesi.

Kuphazamiseke ukuhamba kwezimoto kulo mgwaqo njengoba laba bantu bebevutha beshaya kwasani oludlulayo.

Okhulumela isibhedlela iKing George, uMnuz Thami Chizama uthe kungeniswe abantu abathathu kulesi sibhedlela kodwa oyedwa wabo ushone ngesikhathi efika.

“Abanye ababili abalimele basesimeni esibucayi,” kusho uChizama.

Kuthiwa laba bashayiswe yimoto umphakathi obuzama ukuyivimba emgwaqweni obekubhikishwa kuwo.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni, uCaptain Thulani Zwane uthe amaphoyisa aphenya icala lokubulala ngokungenhloso nelokushayela budedengu kodwa akukaboshwa muntu.

Uthe kuboshwe abathathu abebeyingxenye yalo mbhikisho, ababekwe amacala okususa udlame emphakathini, bazovela eNkantolo namuhla.

Abahlali bakule ndawo bakhala ngokuthi abanazo izindlu nogesi, imigwaqo ayiphephile njengoba behlala bengenelwa yizimoto ezindlini.

Amalungu omphakathi athe isisusa salo mbhikisho kube ukushona komunye umhlali wakule ndawo ngeSonto ngesikhathi elungisa izintambo zikagesi wezinyokanyoka.

“Asinawo ugesi njengoba sihlala emijondolo ngoba kuthiwa ugesi awungeni emijondolo. Ngeke sikwazi ukuphila ngaphandle kuka gesi yingakho sifaka owezinyokanyoka. Uma bengafuni senze lokho abasakhele izindlu,” kuchaza ilungu lomphakathi.

Bathi bahlangane nekhansela ngesonto eledlule emuva kokushona komuntu owabulawa wugesi babeka izikhalo zabo kodwa labanikeza izimpendulo ezingabagculisi yingakho benqume ukunikela emgwaqweni.

Ikhansela uMnuz Bhekisani Ngcobo lithe kunohlelo lomkhandlu lokufaka ugesi emijondolo oluqhubekayo, elachazela umphakathi ngalo.

“Umphakathi uyazi ukuthi kunohlelo lokufaka ugesi oluzayo endaweni. Emhlanganweni esaba nawo ngachaza ukuthi lolu hlelo alubhekile thina kuphela kodwa nezinye izindawo eziningi ezinemijondolo,” kuchaza uNgcobo.

Ucacise ukuthi kulolu hlelo kukhona abangeke bafakelwe ugesi ngoba ezindaweni zabo kuza izinhlelo zentuthuko esikhathini esingaphansi kweminyaka emibili.

Uthe akanayo impendulo eqondile ukuthi laba abangeke bafakelwe bona bazobe bephila kanjani kuze kufike lezi zinhlelo zentuthuko ezizayo.

Izolo emini bekuqaphe amaphoyisa emgwaqweni uMngeni oseduze nale ndawo, umgwaqo bewumnyama bhuqe lapho kade kushiswa khona amathayi.

Emgwaqweni ongenelela kule ndawo bekunezinguzunga zamatshe kanye nopulastiki bezibi abebekiwe bevimbe umgwaqo.

SHOW ALL
Advertisement