Kufe umgibeli kwethinta izimoto zikaMugabe

Comment on this story
no Copy of CT_CT mugabee0 REUTERS Robert Mugabe

KUFE oyedwa kwalimala kabi abantu abangu-15 engozini ethinta inhlabaluhide yezimoto zikaMengameli Robert Mugabe waseZimbabwe. Amaphoyisa kuleliya lizwe athe yingozi yesithathu lena ukwenzeka esikhathini esingangamasonto amabili ethinta izimoto zikaMugabe.

Okhulumela amaphoyisa, uWayne Bvudzijena, usole itekisi athe ibe yimbangela yale ngozi eyenzeke ngeSonto. Uthe leli tekisi lanwabuluka, langavula isikhala kahle ukuze kudlule inhlabaluhide yezimoto zikaMugabe.

Enye yezimoto ebihola le nhlabaluhide yazithela kule tekisi.

“Umshayeli wetekisi wathalalisa ezwa umsindo wama-siren ezimoto zikaMugabe ezazixwayisa izimoto ezingaphambili ukuze zigudluke. Ukudembesela kwalo mshayeli wetekisi yikho okwaholela kule ngozi,” kusho uBvudzijena.

Umgibeli wetekisi washonela khona lapho, abangu-15 balimala kabi. Ingozi yenzeke emgwaqweni uRobert Mugabe Highway eZvimba.

Okhulumela iPolice VIP Protection Unit, uMartin Mbokochena, ugxeke abantu abathize emphakathini athe bathanda ukuphazamisa.

Lena kube yingozi yesithathu esikhathini esingamasonto amabili, zontathu lezi zehlakalo zithinta izimoto zenhlabaluhide kaMugabe.

Kuthiwa uma uMugabe ehamba uphelezelwa izimoto ezilinganiselwa kwezingu-10 kuhlanganisa ne-limousine ehamba uMugabe, ama-Mercedes Benz, izithuthuthu nezimoto zamasosha. – Intatheli yeSolezwe


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.