BONISWA MOHALE
K USHE owesifazane (25) washona nengane yakhe enezinyanga eziyisishiyagalolunye emijondolo yaseCato Crest, eThekwini izolo.
Ngokusho kwabantu abahlala kuleya mijondolo, lo mama ubeqashile kule ndawo.
Iningi labantu lithe lisola ukuthi umlilo uqale emjondolo womunye umuntu obephuthuma emsebenzini izolo ekuseni.
Abathandanga namagama abo noma ukuthathwa izithombe ngabezindaba.
Ikhansela lendawo, uNksz Zanele Ndzoyiya, uthe uvuswe ngo-4 ekuseni etshelwa ukuthi sekwenzeke umonakalo.
Uthe uthole unina wengane, uNksz Mathe Letioane, eseshonile nengane yakhe uPrincess.
Ngokusho kwekhansela, imbangela yomlilo kayaziwa kodwa kusolakala ukuthi uqalwe yisitofu sikapharafini noma ikhandlela obekushiywe kuvutha.
“Emjondolo akulula ukuthola ukuthi umlilo uqalwe yini njengoba abantu bevele bangaphumeli obala. Sesishiye konke ezandleni zamaphoyisa okuyiwona azocacisa ukuthi yini eqale lo mlilo oshise izindlu ezimbili wasithathela nomama osemncane nengane yakhe,” kusho uNksz Ndzoyiya.
Unxuse abantu ukuba baqaphele ikakhulukazi njengoba isimo sezulu sisibi.
Uthe omakhelwane kufanele baqaphele ukuthi bazicishile izitofu namakhandlela futhi bayeke nogesi wezinyokanyoka.
Izihlobo zikamufi bese zazisiwe ngokushona kwakhe kodwa bekungakaziwa ukuthi uzofihlwa nini.
Abanye abantu bathe ukube umasipala ububahlinzeka ngogesi ngabe isehlakalalo esifana nalesi asenzekanga.
NgoJulayi kube nemashi yabahlali basemijondolo base-Puntans Hill lapho bebewufuna ngodli ugesi.
Imizamo yokuthola ukuphawula kwamaphoyisa iphunzile njengoba engayiphendulanga imibuzo abethunyelelwe yona nge e-mail izolo ebusuku.