MCEBO MPUNGOSE
UMCULI wePop ohamba phambili kuleli uToya Delazy uthi ukuba khona kwesikhala seqembu leHip Hop labesifazane kuleli yikho okuholele ekutheni asungule iqembu iKlutch Kollective. Leli qembu elisanda kukhipha ingoma yalo yokuqala, i Back to the Roots, lethulwe ngokusemthethweni ekuqaleni kwenyanga edlule kanti seliqalile ukuzakhela igama kubathandi beHip Hop kuleli.
UToya Delazy ubumbe leli qembu ebambisene kakhulu nozakwabo abefunda nabo ngesikhathi eseNyuvesi yaKwaZulu-Natal, okunguMandisa Nduna (Fiah), Zama Madlala (D.K) no-Aphiwe Marcia Buwa (Genius). Ekhuluma ngokusungula leli qembu uToya uthe ulandele iphupho lakhe.
“Kuyinto engithoba kakhulu ukubona iKlutch Kollective isihlangene. Ngiyakholelwa wukuthi iNingizimu Afrika iyalidinga iqembu leHip Hop eliwaziyo lo mculo futhi ngiyazi ukuthi ukuhlangana kwalaba bantu besifazane kuzoletha into entsha endimeni yomculo,” kusho yena.
UToya kufuze ukuba uhleka yedwa ngabantu akwaze ukubahlanganisa ukusungula leli qembu kwazise akubona abantu abangomafikizolo endimeni yomculo. UD.K noGenius yibona bodwa omrepha besifazane abakhethwa ukuthi badlulele kowamanqamu kuVuzu Hustle. UGenius uke wabonakala kwenye yamasizini ama- Idols wangena kuTop 100 kanti wake wavela nakuSA Pop Stars wangena kuTop 48. UFiah uyaqhubeka nokuthuthuka endimeni yethelevishini emva kokuvela kwisizini yokuqala ye Class Act. Ngo-2014 wayekwababelingisa efilimini i Between Friends. Liyaqhubeka ukukhula isasasa lomrepha besifazane kuleli. Kumanje kwabenza kahle kubalwa uFifi Cooper, Nomuzi Mabena, Gigi Lamayne noNadia Nakai.