Kufezeke isifiso esidala sikaBonang sokulingisa

Comment on this story
NO_bonang 0.JPG

ABATHANDI bomdlalo wethelevishini oqwashisa ngokubhebhetheka kwegciwane lengculazi, i-Intersexions bangalindela ukubona uBonang Matheba phakathi kwabantu abasha abazolingisa kulo mdlalo kulandela inhlolokhono esanda kwenziwa.

Ngokwemibiko evele ephephandabeni iSunday Sun, lo methuli wohlelo lomculo iLive ube ngomunye wabakhethiwe ukuyolingisa kulo mdlalo odlala ku-SABC 1 oqwashisa ngezindlela ekusabalala ngazo isifo sengculazi.

Utshele leli phephandaba ukuthi ukulingisa yinto ayekade efisa ukuyenza empilweni yakhe nokuthi uyakuthokozela ukuthi useze walithola ithuba lokwenza lokhu.

UBonang, ophinde abe ngumsakazi kwi-YFM useyintandokazi kwithelevishini kodwa ubengakaze avele emidlalweni elingisa.

Engxoxweni ake waba nayo nesiteshi sethelevishini iVuzu, waveza ukuthi usezongena kwezokulingisa maduze njengoba sekuphuma imibiko yokuthi uya kwi-Intersexions, eyawola inqwaba yezindondo kumaSouth African Film and Television Awards.

UBonang uke waveza esontweni eledlule ukuthi ubeye kwinhlolokhono yomdlalo omkhulu enkundleni yokuxhumana iTwitter lapho aphinde waveza khona nokuthi usethole umsebenzi omusha kodwa engathandi ukuphumela obala ukuthi uyini futhi ukuphi lowo msebenzi.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.