SHAIN GERMANER
A MAPHOYISA athungatha abesifazane abathathu abasolwa ngokudlwengula ibhungu elineminyaka engu-21 laseDiepsloot ngeSonto ebusuku.
Ngokokhulumela amaphoyisa aseDiepsloot, uWarrant Officer Daniel Mavimbela, abasolwa bebehamba ngeToyota Tazz emhlophe ngesikhathi behlangana nebhungu e-Extension 12.
“Bazenze abantu abalahlekile base bebuza ibhungu ukuthi libayalele indawo. Esikhaleni omunye wabo uvele wakhomba ibhungu ngesibhamu,” kusho uMavimbela.
Ibhungu liphoqwe ukuthi lingene emotweni lihlale esihlalweni esingemuva ngesikhathi ishaya ichitha.
Bafike emgwaqweni u-R114 nokuthe uma bephuma emotweni omunye walaba besifazane wavele wakhumula.
“Ibhungu liphoqiwe ukuthi liye ocansini naye likhonjwe ngesibhamu. Emuva kwalokhu, ibhungu lishiywe eceleni komgwaqo,” kusho uMavimbela.
Wengeze ngokuthi yize inhloso yesenzo ingakaziwa, amaphoyisa anxusa umphakathi ukuthi uhlale uqaphile uma uhlangana nabantu ongabazi, amadoda nabesifazane.
Noma ngabe ngubani onolwazi olungaholela ekutheni kuboshwe abasolwa kufanele axhumane noLieutenant-Colonel Lucia Madinginye ku-082 568 4589, afonele iCrime Stop ku-08600 10111 noma athumele iSMS kuCrime Line ku-32211.
Ekuqaleni kwale nyanga, owesifazane uboshelwe ukudlwengula indoda eBolobedu, eLimpopo.
Kuthiwa owesifazane (46) udlwengule owesilisa omncane kunaye emuva kokumcela ukuthi amenzele imisebenzi ethize. Owesilisa ubedlula ngendlela emzini walo wesifazane wabe esembiza.
Ngokwemibiko yemithombo yabezindaba, owesifazane ubizele endlini le ndoda, wabe esekhiya isicabha wamdlwengula ubusuku bonke.