Kufunwa umshayeli wetekisi owaduka

Comment on this story
no Gqoka 3 INLSA UMNUZ Gqokinsimbi Ngubane ukhala ezimathonsi ngetekisi yakhe okubikwa ukuthi iduke nomshayeli wayo wesifazane. Isithombe:MBALI KHANYILE

SIMPHIWE NGUBANE

UPHITHENE ikhanda usomatekisi odukelwe umshayeli wakhe wesifazane owahamba wangabuya netekisi eyayilayishe abagibeli isuka eThekwini iya eMandeni ngempelasonto eyandulela uKhisimusi.

UMnuz Gqokinsimbi Ngubane, wase-Effingham Heights, eThekwini, uthi uma efonela inombolo yocingo lukaNksz Noma Dladla ibanjwa ngowesilisa omyalela ukuthi akayobheka umshayeli wakhe emakhazeni kahulumeni ePinetown.

Uthi akukapheli sikhathi esingakanani umshayeli wakhe wesifazane emshayelela njengoba esenyamalele nje.

“Ngaxhunyaniswa abanye osomatekisi naye ngase ngiyamqasha ukuba angishayelele. Bengingakaze ngicabange ukuthi angaduka netekisi lami, okubi wukuthi akukho nomuntu oyedwa emndenini wakhe othi uke wambona kusukela enyamalele ngoMgqibelo wangoDisemba 22,” kuchaza uNgubane.

Uqhube wathi okumphithanisa ngekhanda wukuthi izihlobo zikaNksz Dladla ePort Shepstone kwazona zithi azimazi ukuthi washonaphi.

“Ubenesikhashana ngimqashile njengoba esenyamalele nje,” kubalisa uNgubane.

Lo somatekisi uthi akasoli lutho njengamanje kodwa inkinga bekuba yilo muntu wesilisa phambilini obebamba ifoni yomshayeli wakhe akhulume umathanda kwesinye isikhathi ayibambe kodwa angakhulumi.

“Ekuqaleni lo muntu ubesiyalela ukuthi siyobheka emakhazeni kodwa uma sifika singamtholi uNksz Dladla. Sigqigqe wonke amakhaza aseThekwini simthungatha kodwa lutho ukumthola. Sibuya ngisho erenki yamatekisi eMandeni lapho engifike ngabikelwa khona ukuthi wafika nayo itekisi eyafika yathulula abagibeli yabuyela igenqeza eThekwini,” kusho uNgubane.

Inombolo yocingo lukaNksz Dladla ibikhala ingabanjwa ngesikhathi efonelwa izolo emini.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Khephu Ndlovu, uthe uphenyo luyaqhubeka kanti umsolwa usevulelwe icala lokusebenzisa imoto yomuntu ngaphandle kwemvume. Uthe imoto nomsolwa abakatholakali kanti uma umndeni wakhe usola ukuthi uthunjiwe, awungapholisi maseko unikele esiteshini uyovula icala uphathe nezithombe zakhe khona ezothungathwa.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.