INDODA ethungele ngomlilo umuzi wayo oseSoweto eningizimu yeGoli, kwafa izingane zayo ezintathu, kwalimala umasihla-lisane wayo, igcine isishonile nayo.
Le ndoda eneminyaka engu-31 ishonele esibhedlela ngoLwesi-thathu ngenxa yokusha.
Okhulumela amaphoyisa aseGoli, uWarrant Officer Kay Makhubela, uthe owesifazane obenguma-sihlalisane kamufi usesimeni esibucayi esibhedlela.
Kulo mlilo kwashona amadodana amathathu kamufi, eneminyaka engu-10, eneyisishi-yagalombili nenemithathu.
UMakhubela uthe le ndoda ngoLwesibili ebusuku yaxabana nonina walezi zingane.
“Balalile wase evuka lo wesilisa wayothenga uphethiloli,” kusho uMakhubela.
Uthe ube esekhiyela umndeni wakhe wachela indlu ngophethiloli wase eyokhela. Kuthiwa ubesola unina walezi zingane ngokuthi useqomile, uthandana nomfowabo (umufi).
) and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.
Services