Kugqame abafana be-Arrows kweyeSAB

Comment on this story
no sbiya . UMDLALI weqembu laseKZN SAB Under 21 uNduduzo Sibiya (kwesokunxele) obe ngumdlali ovelele eshaya amagoli amabili asize ezakhe zibhekene neNorth West emdlalweni wokuvula eMpumalanga izolo ekuseni. Isithombe: BACKPAGEPIX

MALIBONGWE MDLETSHE

noMBONGISENI BUTHELEZI

Bebika beKwanyamazane, eMpumalanga

KUGQAME abafana beLamontville Golden Arrows iKwaZuku-Natal iqala ngenothi eliphezulu imidlalo yeSAB Under 21 National Championship eqale izolo ekuseni.

IKZN ivule le midlalo ithela isibhaxu sika 3-0 kuNorth West ngamagoli amabili kaNduduzo Sibiya nelikaSonke Ntuli baseLamontville eThekwini.

USibiya (17), ofunda eLamontville High School, uzibeke ethubeni elihle lokuqokelwa ezinhlakeni zeqenbu lesizwe kwazise ukhale wemuka nentshontsho lika-R1 000 elitholwa wumdlali ovelele emdlalweni ngamunye.

Lo mdlali, obebonana kahle noNtuli kwazise bagijima naye ku-Under 19 wezikaMato Madlala, uthe iphupho lakhe wukudlala njengoTeko ‘Navigator’ Modise weMamelodi Sundowns.

“Ngingathanda ukuthi ngidle umhlanganiso ngibe ngumdlali ovelele kulo mqhudelwano nokuba namagoli amaningi ukudlula bonke abadlali. Ukuthola lo mklomelo zisuka nje kuzongikhuthaza kakhulu. Ngizoqhubeka ngisebenze kanzima ngoba iphupho lami wukudalela iSundowns noma i-Ajax Cape Town ngoba ibhola lami lingangena kahle kula maqembu,” kusho uSibiya.

Lo mdlali ubedlala indawo angayijwayele ngemuva kwabagadli ngenxa yokuthi lesi sikwati esicijwa nguSmart Ndlovu, we-Island egijima kuSafa KZN Vodacom Promotional League, sintula abagadli abangezanga ngenxa yokuhlolwa ezikoleni.

“Badlale kahle abafana. Ngeneme kodwa ngibona sizobhekana nesimo esinzima ngokuqhubeka kwemidlalo ngoba abagadli bethu ababili uSibusiso Sibeko noQiniso Mahlobo abekho. Nakulo mdlalo besigadla ngabadlali abajwayele ezinye izindawo,” kusho uNdlovu (Smart) osebenzisana noMaxwell Ndlovu.

IKNZ igqemeke udume lwengozi uLindokuhle Memela ekhishwa ngekhadi elibomvu ngesiwombe sesibili kulo mdlalo eziye ekhefini zibambene ngo 0-0.

UNdlovu ukhale nangokungabizwa kwabadlali beYoung Mates yaseThekwini abashaye into ecokeme emidlalweni yokuhlungela iVodacom League eMnambithi ngempelasonto eyedlule.

Omunye umdlalo oseqophelweni eliphezulu ubonakale phakathi kwe-University Sports South Africa (Ussa) enenebule iqembu elishaye kowamanqamu nyakenye iGauteng ngo 4-1.

“Amathuba ethu asemahle kakhulu ukuthi sisivikele isicoco sethu ngoba sishaye iqembu esilidle kowamanqamu nyankenye,” kusho uThomas Thema ocija i-Ussa ehlanganiswe abadlali bezikhungo zemfundo ephakeme zakuleli nakuba iningi labo livela eGoli naseTshwane.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.