BONISWA MOHALE
KUGQUQGUZELWA abantu ukuba basebenzise inyanga kaJulayi ukunikela ngegazi ukuze kuhlengwe impilo yezigidi zabantu abashodelwa yigazi ezibhedlela.
Lo myalezo ukhishwe yinhlangano ebhekelele igazi kuleli, i-South African National Blood Services (SANBS), izolo.
Ngokusho kukaNksz Marelda Sibanyoni obhekele ezokuxhumana kwa-SANBS, basele negazi lezinsuku ezimbili ezinqolobaneni zabo.
“Sicela abantu banikele ngegazi ngoba sesize saphoqeleka ukuba sitshele izibhedlela ukuba zihlehlise ukuhlinzwa kwabantu. Lokhu sikwenza ngoba sisele negazi lezinsuku ezimbili kuzwelonke. Ngokomthetho kufanele sibe negazi lezinsuku ezintathu. Sinxusa umphakathi ukuba usabele ngokushesha ukuze kusinde impilo yabantu,” kusho uNksz Sibanyoni.
Uthe basebenzisa inyanga kaJulayi ukugqugquzela abantu ukuba banikele ngegazi ukuze bahloniphe lowo owabe enguMengameli wakuleli uMnuz Nelson Mandela.
Ebuzwa ukuthi ngabe kudalwa yini ukushoda kwegazi uthe uma kuvalwe izikole namanyuvesi kuba nzima ukuthi bathole igazi ngoba baliqoqa kulezi zikhungo.
Uthe okunye okwenza igazi lingabi khona manje wukuthi abantu abaningi baphethwe wumkhuhlane.
Uye waveza ukuthi njengoba benomkhankaso wokucela abantu ukuba banikele ngegazi unethemba lokuthi umphakathi uzosheshe usabele nalabo abalindile ezibhedlela basinde.
) and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.
Services