MCEBO MPUNGOSE
A ZOSHAYA ngolunye unyawo amaSouth African Music Awards alo nyaka ehlanganisa abethuli bezinhlelo abangaconsi phansi abayisikhombisa ukuphatha umcimbi obalwa nemikhulu kunayo yonke yokuklomelisa abaculi kuleli. Kukhona uSomizi Mhlongo, Thando Thabethe, Phat Joe, Khanyi Mbau, Pearl Modiadie noLunga Shabalala, bonke abazobe begiya bededelana ezindaweni ezihlukahlukene kumaSama esi-22 azobe ese-Albert Luthuli International Convention Centre eThekwini kusasa ebusuku.
USomizi, ongaconsi phansi kulezi zinsuku kwezikaqedisizungu, uzobe ezihola phambili nomlingisi we Generations ophinde abe ngumsakazi we-5FM uThando Thabethe belawula uhlelo e-ICC lapho kuzobe kuklonyeliswa khona abaculi abahamba phambili kuleli.
Kwi#SAMA22 Amstel Green Room uhlelo luzobe luphethwe wuKhanyi Mbau nomsakazi weMetro FM uPhat Joe. KwiRed Carpet yamaSama, uBonang Matheba, Pearl Modiadie noLunga Shabalala bazokwamukela bonke osaziwayo nezicukuthwano ezizobe zihambele lo mcimbi.
Abantu bazokwazi ukubona konke okuzobe kwenzeka bukhoma kuthelevishini kuSABC 1 (191) kusukela ngo-8 kulo mcimbi. Kwabazobe benandisa, ababukeli bangalindela ukubona uDJ Bongz, u-Emtee noKwesta abazonandisa ndawonye, The Muffinz, Desmond & the Tutus ukubala abambalwa.
Kulindeleke ukuthi kuphithizele eThekwini kule mpelasonto ngenxa yamaSama. Baningi abaculi abazohambela lo mcimbi iningi labo elitheleke kuleli dolobha kusukela ngoLwesibili. Nezokuphepha seziqinisiwe.
Amathikithi atholakala ngoR350 eComputicket.