NONTUTHUKO NGUBANE
B APHUME benikina amakhanda, bedumele, abalandeli nomndeni kaSibusiso Gcabashe enkantolo yaseMgungundlovu izolo kuhlehla ukugwetshwa kwakhe.
Izolo eNkantolo yeMantshi bekulindeleke ukuthi kugwetshwe uGcabashe owazakhela udumo ezibiza ngomculi kamaskandi osashona uKwakhe “Mgqumeni” Khumalo.
Icala lihlehliselwe uJuni 28. Izolo kuvele ukuthi ummeli wakhe, uMnuz Johan Botha, ufuna imininingwane ngamacala okuthiwa wake wagwetshwa ngawo. Kulawo macala kukhona amathathu okweba okuthiwa wawenza eNanda naseWartburg.
Ummeli ubengekho enkantolo kodwa ethumele ilungu lomndeni wakwaKhumalo ukuba lilande incwadi (eveza amacala uGcabashe alahlwa ngawo) kumshushisi wecala uMnuz Nkonzo Mlotshwa.
Icala lithathe umzuzu lahlehliswa. UGcabashe ungene ebhokisini watshelwa ukuthi icala liyahlehla wabuyela esitokisini. Kube nokuxokozela enkantolo ngoba iningi belilindele isigwebo. Abantu baphume benikina amakhanda bekhala ngokuhlehliswa kwalo.
“Kanti kuyoze kube nini lihlehla icala ngoba sifuna ukuzwa isigwebo?” kusho umlandeli ongathandanga negama lakhe.
UMnuz Sam Khumalo, uyise kaMgqumeni uthe baphoxekile ngokuhlehla kwecala kodwa akukho abangakwenza ngoba ummeli usadinga okunye ngaphambi kokugweba uGcabashe.
“Isizathu sokuhlehla kwecala wukuthi ummeli ubefuna imininingwane ngamacala okuthiwa wake walahlwa ngawo. Lolu lwazi lubalulekile kakhulu kithina ngoba luzokhomba ukuthi kwenzekani ngelanga lokugwetshwa. Kusiphathe kabi ukuthi icala liphinde lihlehle. Sifuna ukufika emaphethelweni ukuze kuvele obala ukuthi ngabe lokhu esikholelwa kukho, ukuthi lona nguMgqumeni, kuyiqiniso yini,” kusho uKhumalo.
Uthe ngokwakhe umndeni wabo uyakholelwa ukuthi okuthiwa nguGcabashe, yiBhova, elalithunjiwe lenziwa umkhomvu.
UGcabashe walahlwa ngamacala amahlanu ngoDisemba nyakenye, elokudlwengula, elokuthumba, elokushaya, elokuzenza umuntu angeyena nokuzama ukuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho.
UGcabashe washaqisa abaningi ngo-2012 ethi uyiBhova. Abantu bathutheleka eNquthu bethi bayozibonela isimanga.
Kwavela ukuthi usenga ezimithiyo waboshwa.
UGcabashe wake wazama ukweqa enkantolo kodwa wabanjwa.
Kusukela laqala ukuqulwa icala umsolwa unommeli wakhe okhokhelwayo uMnuz Johan Botha.
Ummeli kuvele ukuthi ukhokhelwa abakwaKhumalo njengoba bekholwa wukuthi wavuka ekufeni uMgqumeni.
Abakomalume kaMgqumeni, kwaMseleku, abalubhadi enkantolo njengoba bagcina bethula ubufakazi bokuthi uGcabashe akasilo iBhova.
IMantshi, uNkk Rose Mogwera, yamlahla ngecala yathi ubufakazi bukuveze ngokusobala ukuthi akasiyena lo muntu azibiza ngaye.
IMantshi yakuhlaba yakuhlikiza okwenziwa ngamaphoyisa, abezindaba nabasebenzisa izinkundla zokuxhumana ukubhebhethekisa ukuthi uMgqumeni uvukile kwabafileyo. Kuzokhumbuleka ukuthi owayekhulumela amaphoyisa, uVincent Mdunge, wezwakala emsakazweni eqinisekisa ukuthi iBhova livukile ekufeni.