Kuhlwe emini kosolwa ngokuqola

Comment on this story

BAWINILE NGCOBO

IBOSHWE isatanasa edolobheni eThekwini indoda esolwa ngokuthatha u-R1000 kowesifazane ebimthembise umsebenzi ophikweni lwezindlu kuMasipala weTheku.

Le ndoda eneminyaka engu-27 iboshwe emuva kokuthi lo wesifazane eyathatha imali yakhe eyibone edolobheni wabe esecela unogada obeseduze ukuthi ayilandele.

Kuthiwa lo nogada uyilandele wahlangana nephoyisa lakwaMasipala, walicela ukuthi bajahe le ndoda.

Le ndoda kuthiwa iboshwe isithi iyongena kwesinye isitolo sezingubo.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni uCaptain Thulani Zwane, uthe lo msolwa ubekwe icala lokweba esebenzisa amanga.

Lo msolwa uzovela enkantolo eThekwini namuhla.

Owesifazane obethenjiswe lo msebenzi ocele ukungadalulwa ngenxa yokuphepha, uthe lo wesilisa bahlangana naye edolobheni ngeledlule, wenza sengathi uyashela.

“Wabe esekhuluma nocingo ethi baya eNtuzuma konika abantu okhiye bezindlu. Ngabe sengibuza ukuthi kubhaliswa kanjani ngoba umuntu kade wayebhalisa kungalungi. Lo mlisa owathi unguNjabulo wabe esecela inombolo yocingo ngoba sasiphuthuma sobabili,” kuchaza lo wesifazane.

Uthe le ndoda yamfonela yathi akeze eShell House, bahlangana ngaphandle, ifake nesigqebhezane sabasebenzi bakwaMasipala.

“Kwangena ucingo ekhuluma nomuntu owayethi akanawo u-R3 000 wokuthi angene emsebenzini. Le ndoda yabe isibuza ukuthi ufuna amgcwalisele yini lo muntu,” kusho lo wesifazane.

Uthe wabe esebuza le ndoda ukuthi kanti inolayini womsebenzi yini ngoba naye uyawufuna.

“Wathi bekune-learnership kaMasipala manje sekuqashwa laba abakade beqeqeshwa. Kodwa uma kade wawungekho uyakwazi ukukhokha u-R1000 ukuze bakugcwalisele amafomu bese ukhokha u-R3000 wokungena emsebenzini,” kusho lo wesifazane.

Uthe wahambisa le mali ne-khophi kamazisi wakhe kulo wesilisa, wathi kumele ayosayina amanye amafomu komunye umdabu waseNdiya abasebenzisana naye eMgungundlovu.

Lo wesifazane uthe ubesezamile ukuthi athole imali yakhe kule ndoda ngoba esebonile ukuthi beyimqola kodwa ubesebaleka kanti bazohlangana edolobheni.

UZwane uthe kungenzeka ukuthi bakhona abanye abaqolwe yilo msolwa, wathi bengaxhumana namaphoyisa aseDurban Central.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.