Advertisement
logoSections

Kujike izinto kuBig Brother Stargame

INTATHELI YESOLEZWE

KUPHENDUKE amatafula ohlelweni iBig Brother Stargame njengoba sekuqalwe uhlelo lokuthi abangenele kulolu hlelo baqokane bodwa ukuthi ngubani ozoba sengozini yokukhonjwa indlela.

ABANINGI bebezitshela ukuthi uBarbs ngeke asale ohlwini lwabazoqokwa ukuba banikelelwe ukuvotelwa ngababukeli kwi-Big Brother Stargame

Kulolu hlelo oludlala ubusuku nemini kuChannel 198 naku-197 ku-DStv kuphelile ukukhululeka njengoba emzini ohleli osaziwayo i-Upville kuvulwe inkundla yokuthi baqokane bodwa badalulele ababukeli abantu ababili abafuna bavotelwe.

Kuthe uma umshayeli walolu hlelo u-IK ememezela lokhu ngeSonto ebusuku, ababukeli baseNingizimu Afrika nabalandeli bakaBabalwa “Barbs” Mneno bashaywa wuvalo njengoba bekubukeka sengathi unyamanambana kulolu hlelo.

Abaningi bebezitshela ukuthi uzoba seqhulwini lwababili abazonikelwa kubabukeli ukuba babavotele njengoba abanye osaziwayo ahlalisene nabo bakwamanye amazwe e-Afrika bahleba ngaye ngosuku lokuqala, bethi uzenza ngcono ngoba engowaseNingizimu Afrika futhi uzitshela ukuthi muhle udlula bonke.

Zijikile izinto kodwa ngoMsombuluko ebusuku kade sekuvezwa ukuthi ngubani uqoke bani njengoba uBabalwa engaqokwanga ngisho nangoyedwa.

Yena noRoki (ongumculi waseZimbabwe) yibona kuphela amagama abo angazange athintwe. Amavoti amaningi awelela kuMampi (ongumculi waseZambia), DKB (ongusomahlaya waseGhana) noManeta waseZimbabwe ongene e-Upville ephuma eDownville ngoba ethole amavoti amaningi.

Ngenxa yokuthi uDKB nguye oqokwe njengenhloko kulo muzi kuleli sonto ube senhlanhleni wakwazi ukuzihlenga kwabangase badliwe yizembe, esikhaleni sakhe wafaka uLady May (ongumculi waseNamibia).

Okusho ukuthi kulo lonke leli sonto kuvotelwa uMampi, Maneta noLady May ukuthi kube khona ozokhonjwa indlela.

Ukusinda kukaBarbs kulolu hlu kubuyise ithemba kubalandeli bakhe lokuthi mhlawumbe ungomunye wabantu abayizimfivilithi abangayibamba kuze kube sekugcineni kulolu hlelo.

Leli themba libuya ngenxa yokuthi iNingizimu Afrika iyaziwa ukuthi ineshwa kulolu hlelo njengoba selokhu laqala ingakaze iwine. Nyakenye kwasuka omkhulu umsindo kukhale ngaphansi umlingisi wakuleli uLuclay owayebalwa nezimfivilithi kodwa kwehla izihlathi ngosuku lokugcina.

SHOW ALL
Advertisement