Advertisement
logoSections

Kukhalwa ngesandla sensimbi eNkosini

ABANTU baseMpendle KwaZulu-Natal abangaphansi kwesizwe sakwaNxamalala bakhala ngendodana yomfowabo kaMengameli Jacob Zuma eyiNkosi abayisola ngokubathwalisa kanzima ngemithetho eyishaya endaweni.

Inkosi Simphiwe Kwazini Zuma isolwa ngokuhlawulisa abantu okuthiwa basuke belahlwe ngamacala izinkomo nezimbuzi kanti abanye bayadingi-swa endaweni.

INKOSI uSimphiwe Kwazini Zuma yesizwe sakwaNxamalala eMpendle esolwa ngokucindezela umphakathi ngemithetho yayo eyishaya endaweni. Izithombe: SBUSISO NDLOVU. Credit: INLSA

“Lo muntu useyiqedile imfuyo yethu esihlawulisa ngikhuluma nje ekhaya ngo-2010 wathatha izinkomo ngoba ethi zidle amasimu abantu kumanje nguyena ofuye ukwedlula wonke umuntu endaweni. Okunye okwenzekayo wukuthi uma ukhulelise intombazane wahluleke ukuyihlawula Inkosi ikuphoqa ukuthi ukhiphe inkomo yokugeza isizwe, uphinde ukhokhe kubo kwentombazane” kusho ilungu lomphakathi.

UZuma kuthiwa useke wahlawulisa omunye wabaholi bendabuko ngaphansi kwakhe oyisibonda izimbuzi ezintathu wamxosha nasesikhundleni.

UNkk Swelekile MaShezi Dlungwana (67) ongomunye wabantu asebeke bahlawula eNkosini, waphoqwa ukuba ashiye umuzi wakhe edingiswa ngoba exabane nomakhelwane.

“Umakhelwane wami wabanjwa nendoda yomuntu beficwa ngunkosikazi. Wavele walwa nami wathi yimina engimumpimpile wangithuka nami ngaphindisela. Inkosi yabe isingihlawulisa u-R800 yathi angithuthe endaweni ngishiye umuzi wami,” kusho uNkk Dlungwana.

Inkosi yakwaNxamalala ivamise ukuba nemicimbi yesizwe ngoDisemba esuke ihanjelwe nguyise omncane uMengameli Zuma.

Ingene kulesi sikhundla ngo-2004 ithatha izintambo kunina owayeyibambele ngemuva kokukhothama kukayise Inkosi uNkantshamela Zuma.

Ngesikhathi iziphendulela Inkosi uZuma, ithe kuyayethusa lokhu okushiwoyo ngoba kayinaso isihluku esishiwoyo.

“Njengesizwe sinemithetho esisebenza ngaphansi kwayo futhi nezinqumo ezisuke zithathwa kulabo abasuke bebhekene namacala azithathwa yimi kodwa siyavumelana njengomkhandlu mayelana nesinqumo okusuke kufanele sithathwe ngalowo muntu. Ngaphandle kwalokho nalezi zinkomo okukhulunywa ngazo kusuke mhlambe kuyimali engu-R500 nayo ayizi kimi kodwa ingena kwi-akhawunti yesizwe. Okunye kuba ukuthi uma abantu bexabene siye sikhiphe isinqumo sokuthi abahlukaniswe kubekhona esimthuthisayo simnike indawo mahhala ukuze kubekhona ukuthula,” kusho uZuma.

Mayelana nodaba lukaNkk Dlungwana uthe akulona iqiniso ukuthi babemdingisa kodwa babemsusa eduze kukamakhelwane wakhe bamnikeza indawo okwakumele ayokwakha kuyo ukuze kugwemeke umsindo.

Induna yesizwe uMnuz Sam Zuma, ngesikhathi iphawula ithe kuke kwaba nezinkomo ebezitholakala zingenabani bese iNkosi izithatha ihamba izigcine bese ibiza umhlangano wokuthi abantu abazozihlonza .

Ithe kodwa manje ayisakwenzi ngoba yibo futhi abantu abesebethi iyazeba izinkomo zabo.

AbomNyango wezokuBusa ngokubambisana abatholakalanga ukuba baphawule.

SHOW ALL
Advertisement