Kukhona abazokhala eMangaung

Comment on this story
no Copy of CT_bhekiCele0 INLSA BHEKI CELE

INTATHELI YESOLEZWE

USIHLALO we-African Union uNkosazana Dlamini-Zuma, owayengumphathi webhange lombuso uMnuz Tito Mboweni nowayenguKhomishana wamaphoyisa kuleli uMnuz Bheki Cele amagama abo aphakanyiswe ukuba babe ngamalungu esigungu esiphezulu se-ANC.

UMnuz Fikile Mbalula, onguNgqongqoshe wezeMidlalo kuleli, kungase kumbhedele njengoba igama lakhe livela esifundazweni esisodwa iGauteng kwezinye lingabonwa.

Isizathu sokuthi iGauteng imfake ohlwini kuthiwa yingoba ihambisana nokuthi kube khona ubumbano ngaphakathi kule nhlangano.

UMbalula akakaze aphakanyiswe ezifundazweni ezeseka uMengameli Jacob Zuma okuyi-KwaZulu-Natal, Free State, Mpumalanga, Northern Cape ne-Eastern Cape.

UMnuz Malusi Gigaba, onguNgqongqoshe woMnyango wezamaBhizinisi kaHulumeni, uhamba yedwa njengoba yena ephakanyiswe yizifundazwe eziningana.

no Copy of CT_ctmbalulabrief0 Fikile Mbalula inlsa

Uhla lwe-ANC Women’s League luholwa nguNksz Dlamini Zuma noMengameli wayo uNkk Angie Motshekga osendaweni yesihlanu.

USotswebhu we-ANC ePhalamende, uDkt Mathole Motshekga, ongumyeni kaNkk Motshekga, ubekwe kunombolo 54 kanti uvela eKZN nase-Free State.

UMboweni wesekwa yi-KZN ne-Gauteng. Abanye amagama abo aphakanyiswe yi-KZN nguMnuz Bheki Cele, Mnuz Sdumo Dlamini, onguMengameli we-Cosatu. UDlamini uphakanyiswe nayi-Eastern Cape ne-Free State.

Owayengumholi we-ANC Youth League futhi ekhulumela uMengameli Jacob Zuma, uMnuz Zizi Kodwa, igama lakhe liphakanyisiwe eKZN noNkk Sankie Mthembu-Mahanyele.

Ovele eyilungu le-NEC, uMnuz Joel Netshitenzhe, ukleliswe waba ngunombolo 35 ohlwini olukhishwe yi-Women’s League.

Uphakanyiswe yizifundazwe ezimbili okubalwa kuzo ne-Northern Cape. Ongqongqoshe uMnuz Siyabonga Cwele, wezoboNhloli, uMnuz Rob Davis, wezoHwebo neziMboni, uMnuz Thulas Nxesi, wezeMisebenzi yoMphakathi, uMnuz Jeff Radebe, wezoBulungiswa, uMnuz Nathi Mthethwa wezamaPhoyisa, uMnuz Collins Chabane, onguNgqongqoshe eHhovisi likaMengameli, uNksz Lindiwe Sisulu, wezabaSebenzi bakaHulumeni nokuPhatha, bonke bakhona ohlwini lwezifundazwe.

no Copy of CT_DlaZum0 DKT Nkosazana Dlamini-Zuma REUTERS

Abanye abakhona ngoMnuz Jeremy Cronin, oyiphini likaNgqongqoshe wezeMisebenzi yoMphakathi, noNksz Ayanda Dlodlo, weMisebenzi kaHulumeni nokuPhatha.

UMnuz Trevor Manuel onguNgqongqoshe we-National Planning igama lakhe livela eKZN nase-Free State. UNgqongqoshe wezeMpilo kuzwelonke uMnuz Aaron Motsoaledi uvela kuzo zonke izifundazwe futhi ubonakala eyintandokazi ezifundazweni eziningi. I-Eastern Cape ifake negama likaMnuz Gugile Nkwinti. UNkk Winnie Madikizela-Mandela igama lakhe liphakanyiswe yi-Eastern Cape kuphela.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.