MINENHLE MKHIZE
U BOMVU yimali umdlali weKaizer Chiefs uWillard Katsande okhale wemuka nenqwaba yemiklomelo ngesikhathi Amakhosi echoma uphaphe lwegwalagwala abadlali abenze kangcono kule sizini esanda kusongwa.
Amakhosi aqede isizini eshwiba izandla kodwa lokho akuzange kuwavimbe ekutheni aklomelisa abadlali ababona benze kahle kule sizini esanda kusongwa.
UKatsande odabuka eZimbabwe uhlabane ngemiklomelo emine izolo ebusuku ngesikhathi iChiefs iklomelisa abadlali bayo.
Uqokwe njengeFan Player of the Season, Player of the Season, KC Online Player nePlayer’s Player of the Year.
OweFan Player of the Season uhamba nesheke likaR50 000 bese kuthi owePlayer of the Season uphelezelwe nguR100 000 njengoba owe-Oline Player uhambisana nesheke likaR20 000.
OwePlayer’s Player of the Year nawo uhamba noR50 000. Lokhu kusho ukuthi lo mdlali ugcine ehlomule ngesamba sikaR220 000.
Ngo-2014 uKatsande nguyena futhi owashanela emiklomelweni yeChiefs kwazise wahlabana ngemiklomelo emihlanu nonyanyavu lwemoto yakwaNissan, iCoupe Sports Car.
Abanye abadlali abahlomulile nguGeorge Lebese oqede njengomdlali oshaye amagoli amaningi (ayisishigalombili) kwathi uSiphiwe Tshabalala wathola oweGoal of the Year noweFair Play.
ULebese uhlomule ngo-R30 000, uTshabalala wahlabana ngoR40 000 uma sekuhlanganisa yomibili imiklomelo ayitholile.
IChairman’s Award inikwe uGreaves Malunga olungisa inkundla okuzilolongela kuyona Amakhosi. Usihlalo waMakhosi uKaizer Motaung ephawula ngale miklomelo uthe: “Sifisa ukubonga kubo bonke abafake isandla ekutheni uqhubeke umlando ononile weqembu. Yebo, lena yisizini edumazayo kodwa sifunde lukhulu oluzosisiza ekutheni siye phambili njengeChiefs.”