Kulamule amaphoyisa eSahlumbe

Comment on this story
no sahlumbe 2

MLUNGISI GUMEDE

Ebika eSahlumbe

KUCISHE konakala kwasiza amaphoyisa ngesikhathi abalandeli be-IFP befuna ukudla luhlaza abe-NFP abebebasola ngokuzophazamisa umbuthano wabo obusenkundleni yezemidlalo, eSahlumbe, izolo.

Amaphoyisa asebenze kanzima esiza isigejana sabalandeli be-NFP olakeni lwamalungu e-IFP abebethukuthele kungathi athelwe ngezibonkolo kulo mbuthano obuhanjelwe nguMengameli we-IFP, uDkt Mangosuthu Buthelezi.

Abalandeli be-IFP abebeholwa nguMnuz Sthembiso Nene, bagcine sebehilizisana namaphoyisa abevikela abe-NFP.

UNene uthe into ebacikile ukubona abantu be-NFP endaweni abebezokuba nombuthano kuyo.

no sahlumbe AMALUNGU e-IFP abejabulela ukufika komholi waleli qembu embuthwaneni obuseSahlumbe, izolo. Group

“Kuyacaca ukuthi inhloso yabe-NFP ngukususa uchuku,” kusho uNene.

USihlalo weNFP eSahlumbe, uMnuz Xolani Hadebe, uthe into ebenze bahlangane ukuthi bebevele behlele ukuba nomhlangano kodwa bawuhlehlisa ngoba sebezwe ukuthi kuzofika i-IFP.

UHadebe uthe angeke baze bavumele ukusatshiswa, wengeza ngokuthi bazohlangana ne-IFP okhethweni lokuchibiyela bafike bayithele isibhaxu.

Ethula inkulumo yakhe uButhelezi uthe kuzomele amakhansela abo ake athi ukuma kancane ekusebenzisaneni nawe-NFP komasipala ngoba abasebenzisa njengesitebhisi.

UButhelezi uthe ukusebenzisana ne-NFP akuhlukile nokusebenzisana ne-ANC ngoba iNFP noKhongolose bayizintethe ezibelethene.

Uthe akethukanga uma uNkk Zanele Magwaza-Msibi eqoka ukusebenzisana ne-ANC.

no sahlumbe11 KULAMULE amaphoyisa enkundleni yaseSahlumbe embuthwaneni we-IFP, ngenkathi amalungu e-IFP nawe-NFP efuna ukubambana ngezandla. .

UButhelezi uphinde wakhwela wadilika kuMnuz Stanley Dladla embiza ngeqili eliyimbuka.

Uphumele obala wathi ubemthanda uDladla kodwa uzikhiphe kuyena eseqala ukuhamba izindlela ezimnyama.

“Ngisebenze isikhathi eside noDladla ngimethemba kanti ekugcineni uzongijikela,” kusho uButhelezi.

Uthe kuyilumbo lokho okuhamba kushiwo uDladla ethi waxoshwa eNkatheni.

“Ngeledlule uDladla ushiye angalazi eNkatheni exwayisa ngokuthi sesizongcwatshwa ngenxa yezimanga ezizokwenzeka kuNFP. Ngisola sengathi ugaqele isikhundla sikaMagwaza-Msibi,” usho kanje.

UButhelezi uthe ngamampunge ukuthi indawo yaseSahlumbe isizoba yiNFP ngoba sekukhona uDladla kuyo.

no sahlumbe14 UDKT MANGOSUTHU Buthelezi efika embuthwaneni we-IFP obuseSahlumbe, izolo. Izithombe: PATRICK MTOLO Group

UButhelezi ube esecela abalandeli bakhe ukuba baphume umkhankaso baqinise amaziko njengoba kuza ukhetho ngonyaka ozayo.

Yize izulu beliyidliva kodwa abalandeli be-IFP abazange batheneke amandla bancamele ukuthi imvula iphelele kubona kunokuthi bangamlaleli uButhelezi.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.