Kulimale 3 iloli lingena endlini

Comment on this story
no hous-Truck Sithunyelwe LINGENE lagamanxa emzini womuntu iloli emva kokuphaphalaze emgwaqweni eMgungundlovu. Isithombe: SITHUNYELIWE

NONTUTHUKO NGUBANE

UTHWELE kanzima umndeni ongenelwe yiloli elithutha udoti emzini wawo e-Edendale, eMgungundlovu, ngempelasonto izingane zakhona izolo zagcina zingakwazanga ukuya esikoleni.

Iloli kuthiwa liphaphalaze emgwaqweni langena endlini ebinabantu abathathu nengane (3) elimele kulesi sehlakalo.

Umndeni wakwaGwagwa usagobe amadlangala endlini yodaka engumjondolo emuva kwalo muzi.

Umnikazi womuzi, uNkk Nomzamo Gwagwa, utshele Isolezwe ukuthi baphazamiseke kakhulu ngesigameko ngoba nezingane zakhe azikwazanga ukuya ezikoleni ngenxa yokuvaleleka kwezingubo zesikole nezincwadi.

“Kuvaleleke yonke into okunye kulahlekile. Izincwadi zokufunda zezingane kazitholakali, umfaniswano wesikole nezicathulo zivalelwe wudonga. Siphume nesikugqokile manje asikwazi ukungena endlini ngoba iyingozi,” kusho uNkk Gwagwa.

no truck LINGENE lagamanxa emzini womuntu iTruck eliphaphalaze emgwaqeni eMgungundlovu Isithombe: SITHUNYELIWE

Imoto encane ebipake eduze komnyango nayo ilimale yaphela.

UNkk Gwagwa naye uthe uphoqelekile ukuthi angayi emsebenzini izolo ngenxa yalesi simo.

“Kunzima kakhulu ngoba simbondelene nezingane ezingu-10 kule ndlu encane. Ngendlela isimo esibheda ngayo nengqondo yami sengathi ayithathi kahle kulolu daba ngoba angazi yikuphi okumele ngikwenze,” kusho yena.

Umkhandlu kamasipala waseMsunduzi usuwuhambelile lo mndeni ukuzohlola umonakalo.

“Umasipala usithembisile ukusilungisela umuzi noma ungazange uyiphathe eyemoto. nayo ngiyethemba bazoyilungisa,” usho kanje.

Kuthintwa okhulumela umasipala, uNkk Nqobile Madondo, uthe ucela ukuthunyelelwa imibuzo nge-email ukuze akwazi ukucacisa ngabazokwenza njengomasipala.

Umshayeli waleli loli nababili abebephakathi baphuthunyiswe esibhedlela.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.