Kulindwe imiphumela ecaleni lephoyisa

Comment on this story

BAWINILE NGCOBO

SEKULINDWE isinqumo sikaMqondisi wezokuShushisa ecaleni lephoyisa laseMlazi elisolwa ngokudlwengula likhulelise indodakazi yalo, elagcina ngokuyibulala ngoMashi nonyaka.

USimo Mgobhozi (40) uvele kafushane eNkantolo yaseMlazi izolo icala lakhe lahlehliswelwa uJulayi 31 ukuze kuphume isinqumo soMqondisi wezokuShushisa esizobe sidlulisela leli cala eNkantolo eNkulu.

UMgobhozi, osolwa ngokubulala indodakazi yakhe uNontobeko Nana Mgobhozi (14), utokele ngaphakathi emva kokunqatshelwa yile nkantolo ibheyili.

Ngesikhathi uMgobhozi evele eNkantolo izolo ummeli wakhe, uMnuz Andile Dakela, uzwakalise ukukhathazeka ngokuhlehla kwaleli cala.

Ukhale ngokuthi uMgobhozi ulokhu ehleli ngaphakathi, impilo yakhe ayiqhubeki ekubeni necala leli abekwe lona kubukeka lingaqhubeki.

Kuvele ukuthi uphenyo lwamaphoyisa selushoda ngemiphumela yegazi lengane eyayikhulelwe nguNontobeko, okuyiyo ezocacisa ukuthi ngabe le ngane kwakungekaMgobhozi yini.

Njengoba uMgobhozi ehamba leli cala lokubulala indodakazi yakhe, uhamba necala lokuyidlwengula (yona le ndodakazi yakhe) asalihamba ngokuhlukana enkantolo yesiFunda eThekwini.

Khonamanjalo, lihlehlele uJulayi 26 icala labasolwa abahlanu ababhekene necala lokubulala ngokudonsa izibilini zesihlobo sabo esineminyaka engu-15 ngobuntu baso ngoba besisola ngokuthi sinamadimoni.

USinethemba Dlamini washona emuva kokuthi ubabekazi wakhe, abazala bakhe nentombi kayise beqale bamthandazela bethi bafuna inombolo kasathane eyayikuye enkabeni.

Lokhu kwaphetha ngokuthi ashuthekwe isandla ebuntwini bakhe, wahushulwa izibilini zakhe bethi bakhipha amadimoni kuye.

Ababhekene naleli calo ngoFundiswa Faku (29), Lindela Jalubane (38), Nokubonga Jalubane (18) Nonhlanhla Mdletshe (21) abathe xinti enkantolo izolo kodwa omunye osolwa nabo oneminyaka engu-15 ubengabonwa nangokhalo.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.