Kulindwe isinqumo kwelikaPistorius

Comment on this story
no Copy of Copy of MDF26720 [4] REUTERS UBEME ebhokisini leNkantolo yeMantshi yasePitoli, u-Oscar Pistorius, lapho efake khona isicelo sebheyili. Isithombe: SIPHIWE SIBEKO

INTATHELI YESOLEZWE

SIBHEKWE ngabomvu isinqumo seNkantolo yeMantshi yasePitoli mayelana nesicelo sebheyili esifakwe ngumsubathi wakuleli, u-Oscar Pistorius, ecaleni lokubulala intombi yakhe ebingumkhangisi uReeva Steenkamp.

Ukulalelwa kwesicelo kuqale ngeledlule kwaze kwakapakela kuleli sonto kanti kushikisha ufudu enkantolo njengoba kubhekene abameli baka-Pistorius nabashushisi bombuso.

Izolo ummeli ka-Pistorius, u-Advocate Barry Roux, ukhale ngombiko wamaphoyisa ophathelene nokudubula okwaba khona emzini kammangalelwa. Umbuso usola ukuthi kwakuhleliwe.

U-Roux usole umphenyi wecala, uMnuz Hilton Botha, ngokuphazamisa ubufakazi endaweni yesigameko njengoba ayedavuza engazifakile izivikeli ezicathulweni ukuze kungonakali ubufakazi.

U-Roux uthe amaphoyisa ehluleka ukuthola inhlamvu yesine eyadutshulwa endlini yangasese. Okunye okuvele enkantolo wukuthi umbuso wenza iphutha ngesikhathi utshela inkantolo ukuthi u-Pistorius unomuzi e-Italy ekubeni lokho kungelona iqiniso nokuthi angase abaleke ayobhaca phesheya kwezilwandle. Uthe ngenxa yalokhu kumele u-Pistorius athole ibheyili.

no Copy of ST Pistorius Case 828 ABANTU abebesenkantolo kulalelwe isicelo sebheyili bebethule belalele kushukana abameli ecaleni elibhekene nomsubathi u-Oscar Pistorius. isithombe: BOXER NGWENYA BOXER NGWENYA

Ummeli ka-Pistorius ubuye waphakamisa imibuzo mayelana nofakazi wombuso othi wezwa kunomuntu omemezayo ngaphambi kokuba kube khona ukudubula. Lo mmeli uthe ufakazi wombuso akukholakali akushoyo ngoba uhlala endaweni eyibanga elingu-600m ukusuka emzini kaPistorius.

Uthe munye kuphela umuntu owayememeza ngalelo langa nguPistorius. Uphinde watshela inkantolo ukuthi izinhlamvu zesibhamu ezitholakale esisefweni sesibhamu ngezikababa ka-Pistorius nokuthi izinhlamvu ezanikezwa abameli bakaPistorius zalethwa ngumthwebuli wezithombe emaphoyiseni hhayi uBotha.

Ngokuhamba kwesikhathi izinhlamvu zabuyiselwa emaphoyiseni ngokunxusa kwawo. Okunye okutshelwe inkantolo wukuthi amaselula angu-4 atholakala endlini awasetshenziswanga kodwa kunenye yesihlanu amaphoyisa azi ngayo kamuva.

UBotha phambilini utshele inkantolo ukuthi bazokhipha ubufakazi bamarekhodi amaselula nezitatimende zofakazi ukuze bakhombise enkantolo ukuthi kwaba khona ukuxabana ngaphambi kokudubula.

Eqhubeka nokwethula ubufakazi ekuseni izolo uBotha uthe ukholwa wukuthi uPistorius wayazi ukuthi intombi yakhe isendlini yangasese yingakho adubula amahlandla amane wayibulala.

Kodwa kamuva, esexinwe ngemibuzo mayelana nombiko wakhe, uBotha ugcine evumile ukuthi kungenzeka kube yiqiniso lokhu okushiwo uPistorius.

U-Pistorius encwadini efungelwe ayethule enkantolo uthe wayecabanga ukuthi kukhona isigebengu esizophanga engazi ukuthi kukhona intombi yakhe endlini yangasese.

UBotha uthe kunzima ukuthi asho ukuthi kwenzekani ngoba akakabi nazo izitatimende zophenyo kodwa angakusho wukuthi lokhu okwashiwo ngu-Pistorius kuyahambisana nophenyo.

Okunye okuvele enkantolo wukuthi uBotha sekungokwesibili esebenza ecaleni eliphathelene no-Pistorius njengoba phambilini ayesebenza kwelokushaya kodwa elabuye lahoxiswa ngenxa yokungabi bikho kobufakazi obugculisayo ngokusho kukaBotha.

U-Pistorius kuthiwa une-akhawunti yasebhange eMelika. Ukulalelwa kwesicelo sebheyili kuyaqhubeka namuhla.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.