IZINDLEKO zokuba nemoto eNingizimu Afrika zingaphezulu kakhulu uma kuqhathaniswa namanye amazwe. Lokhu kuvele ocwaningweni olwenziwe yibhange elitshelekisa abantu ngezimali zokuthenga izimoto iWesbank.
Lolu cwaningo beluqhathanisa izindleko zemoto esesigabeni esiphansi lubheka nenani layo ezindaweni ezihlukene bese kubhekwa neholo likathisha ofundisa iMaths onesipiliyoni seminyaka emihlanu.
Amazwe okwenziwe kuwo lolu cwaningo abehlanganisa i-Australia, Brazil, China, Germany, South Africa, i-England neMelika.
Kulolu cwaningo kube sekuvela ukuthi izindleko zokuba nemoto eNingizimu Afrika zifinyelela ku-95% wemali yonyaka wonke eholwa wuthisha weMaths. Ngaleyo ndlela iNingizimu Afrika kube yizwe lesibili elinezindleko eziphezulu kubanikazi bezimoto uma uqhathanisa namanye.
Izwe elihamba phambili kakhulu ngokubiza kugcine kuba yiBrazil, okuvele ukuthi izindleko zokuba nemoto khona zingalinganiselwa ku-122 wamaphesenti omholo kathisha weMaths wonyaka wonke. Amanye amazwe afana neMelika kuthiwa izindleko zemoto khona zifinyelela ku-23 wamaphesenti, e-Australia kube wu-25% bese kuthi e-England naseGermany kube ngu-33 wamaphesenti.
Ucwaningo luphinde lwaveza ukuthi eNingizimu Afrika kubiza kakhulu ukuthenga imoto esesigabeni esiphansi njengoba kuvele ukuthi ibiza imali engu-R149 900 kanti eChina imoto efananyo ibiza u-R101 093. Ngokwezibalo zalolu cwaningo umholo kathisha ofundisa iMaths wonyaka wonke futhi onesipiliyoni seminyaka emihlanu ungu-R157 122 eNingizimu Afrika, okusho ukuthi ungaphezulu uma uwuqhathanisa nothisha waseBrazil ongu-R112 985 eChina ungu R149 641.
Ngokusho kukaChris de Kock, oyisikhulu esiphezulu kwaWesbank imiphumela yalolu cwaningo ayibethusanga ngaphandle kokuthi bathole ukuthi ukuba nemoto eBrazil kunezindleko ezinkulu kunalapha eNingizmu Afrika.
Naphezu kwalokho uthi bebehlala besho ukuthi ukuba nemoto eNingizimu Afrika kuyizindleko ezinkulu uma kuqhathaniswa namazwe asathuthuka.
UDe Kock uqhube wathi ucwaningo aluzange luveze izizathu zokuthi kungani izimoto zibiza kancane emazweni asathuthuka. Uthe iNingizimu Afrika ishaywa kakhulu yizindleko zezokuthutha, isimo somnotho kanye nokwehla nokwenyuka kwamandla omnotho.
|
|
Services
Comment Guidelines