Kumele sithuthukise ibhola emazingeni aphansi: Rhoo

Comment on this story
no hleka rhoo Gallo Images Lucas Radebe

LUNGILE MAJOKA

INGWAZI yeBafana Bafana uLucas “Rhoo” Radebe (osesithombeni) uthi kufanele ukukhula kwebhola, njengebhizinisi, kubonakale kuba nezithelo ezinhle nasekuthuthukiseni ibhola enkundleni.

URadebe ubekhuluma ngesikhathi kuthulwa iSoccerex African Forum ezobanjelwa eThekwini ngo-Okthoba 23-24.

Uhlelo lweSoccerex lusuke luhlanganise imikhakha ehlukene kanobhutshuzwayo ikakhulu webhizinisi lapho amaqembu esuke enza imibukiso ngendlela yokuzidayisa.

Lo mcimbi ubuhanjelwe yizihlabani zebhola iningi esezathatha umhlalaphansi nezikhulu ezigxile ekukhuliseni ibhola njengebhizinisi.

Kulo nyaka kuzobe kugxilwe ekuthuthukiseni ibhola e-Afrika kanti iTheku lizosingatha lo mcimbi iminyaka emithathu.

URadebe owazakhela ugazi ezingeni lomhlaba egijima kuLeeds United, e-England waze waba ngukaputeni wayo, uthe okumqoka kuyena wukuthi ulwazi oluzotholakala kulo mbukiso lufukule izinga lebhola lapha ekhaya.

“Ngethemba ukuthi ulwazi esizoluthola lapho sizokwazi ukulisebenzisela ukuthuthukisa ibhola lethu. Angiqondi ukuthi kungani sihlulekile wukungena ku-Afcon kule minyaka edlule ngoba izinsiza sinazo kuleli,” kusho uRadebe.

Uthe ubona ukuthi ngesikhathi ibhola lakuleli likhula ngasekwakheni imali, akekho obe esegxila ekuthuthukiseni abadlali.

“Sekuyisikhathi sokuthi sazi ukuthi ibhola silidlalelani siyizwe. Ibhola seliphenduke ibhizinisi elikhulu. Lokhu kufanele kusize imiphakathi yethu, ekuphathweni kwabadlali ukuze kunyuke izinga lethu lokudlala nokuzokwenza kube lula ukuyisa abadlali bethu phesheya okuzosiza iqembu lesizwe.”

Ukhale ngokuthi ngesikhathi kubonakala ukuthi ibhola liyibhizinisi elinenzuzo akuzange kusabakhona ukugxila ekuvundululweni kwamakhono abadlali.

“Inkinga wukuthi abantu abakhona (abaliphethe) banezinye izinhloso. Kudingeka abantu abanendaba nokuthuthukiswa kwebhola abangeke banake ezinye izinto,” kusho uRadebe.

UDuncan Revie oyisikhulu esiphezulu seSoccerex, uthe unethemba lokuthi ulwazi abazolushiya lapha luzosiza ekufukuleni izinga lebhola kuleli nase-Afrika.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.