MLUNGISI GUMEDE
KUMISWE izikhulu ezimbili zenyunyana yamaphoyisa nojele iPolice and Prisons Civil Rights Union (Popcru) ejele laseWestville mayelana necala lokusabisa abasebenzi nokubavimba ukuba bangene emsebenzi ngoMgqibelo.
Lezi zikhulu ezingojele kuthiwa bezingafuni ukuthi abasebenzi baseMedium A bangene emsebenzini ngoba zifuna kuxoshwe umphathi wakhona uMnuz Bheki Mlambo ezimsola ngokuba ngundlovukayiphikiswa.
UMlambo kuthiwa abasebenzi uvele abafake amacala yize benze amaphutha amancane.
NgoMgqibelo kuthiwa kuphinde kwasuka isixakaxaka, abasebenzi abazwelana nabaholi ababili abamisiwe befuna kudedelwe umbiko ngophenyo obelwenziwa yithimba elizimele ebeliholwa ngukhomishana wamajele e-Eastern Cape mayelana nezinsolo ezibhekiswe kuMlambo.
Ingxenye yabasebenzi eMedium A kuthiwa ifuna uMlambo asuswe ehhovisi ngoba imsola ngokuthi uyahluleka ukuphatha.
Esithangamini nabezindaba izolo, uKhomishana wamajele KwaZulu-Natal uMnuz Mnikelwa Nxele uthe bathathe isinqumo sokuthi babamise emsebenzini laba baholi benyunyana ngenxa yokungaziphathi kahle.
“Laba holi benyunyana basolwa ngokusabisa ozakwabo nokubavimba ukuba bangene emsebenzini,” kusho uNxele.
UNxele uxwayise abasebenzi abadala uthuthuva eMedium A ngokuthi bazoyikhotha imbenge yomile baphinde baphelelwe wumsebenzi.
“Ilula nje le nto abasebenzi kumele balandele imigomo yokuziphatha kwabo noma babeke imisebenzi yabo engcupheni. Kumnandi ukucula niyiqulu kodwa uma usuxoshiwe ungasakwazi ukuziphilisa nomndeni wakho, kusa ngokunye,” usho kanje.
UNxele uthe ngeke bavume ukuthi isigejana sabasebenzi sidicilele phansi isithunzi sejele.
“Isikhungo esikhuluma ngaso sibaluleke kakhulu ngoba sigcina iziboshwa zesilisa ezitokile, ukuphazamiseka kokusebenza ejele akushayi umnyango kuphela kodwa kuphazamisa nokusebenza kwezinkantolo ngoba iziboshwa azikwazi ukuya khona,” usho kanje.
UNxele uthe ngeke bezwe ngePopcru ukuthi ngubani okumele aphathe eMedium A.
“Lo msindo okhona udalwa abantu abangafuni ukulawulwa. Sibikelwe ukuthi abasebenzi abaningi kulesi sikhungo abaziphethe kahle, bafika sekudlule isikhathi emsebenzini, abanye bayanyamalala ngesikhathi somsebenzi. Akekho umphathi ongamela leyo nto,” usho kanje.
UNobhala wePoprcu KwaZulu-Natal uMnuz Kwenza Nxele uthe ngokwazi kwabo abaholi ababili benyunyana yabo kabamisiwe kodwa batshalwe kwezinye izindawo.
“Mina ngazi ukuthi laba baholi bethu banikwa izincwadi obekumele basho kuzona izizathu ebezingenza ukuthi bangamiswa emsebenzini njengoba kukhona izinto abasolwa ngazo,” usho kanje.
Uthe iziphathimandla kumele ziyeke ukusabisa amalungu abo ngokuxoshwa uma ekhala.