UKAPUTENI weMamelodi Sundowns, uHlompho Kekana, wenze okungajwayelekile ngesikhathi emukela ukuthi bahluleke bancama ukushaya iBidvest Wits kowamanqamu weMTN 8 eveza ukuthi lokhu kuzokuba usizo kuyena njengomholi waleli qembu uma sebebhekene neZamalek kowomlenze wokuqala weCaf Champions League.
ISundowns ebuyiselwe kuChampions League ngoba kubanjwe umkhonyovu eqenjini eliyikhiphile, ihambe yaze yafika ekugcineni lapho izobhuquzisana khona neZamalek yase-Egypt kowamanqmau onemilenze emibili.
Umlenze wokuqala uzodlalelwa ePitoli lapho uKekana ebona khona ukuthi kufanele bawuqede umsebenzi kusakhanya ngoba bayazi kuzoba nzima ekuhambeni.
Ngokusho kukaKekana, ukushaywa kwabo yiWits kumnike into azobakhumbuza yona njalo abadlali bakhe uma sebemele iNingizimu Afrika kulo mdlalo omlenze wawo wokuqala uzokuba ngempelasonto ka-Okthoba 15.
“Kusemqoka kakhulu ukuthi sisheshe sikwamukele futhi sikudlulise ukuyeka kwethu ithuba lokudla le nkomishi enentshontsho lika-R8 million. Ukushesha kwethu ukudlulisa kuzosinika ithuba elikahle ukufaka imiqondo yethu kokumi phambi kwethu. Yebo kubuhlungu ukungawini inkomishi kodwa lokhu sekwenze sangakudinga ukukhunjuzwa ukuthi kulokhu ngeke sibe nalo ithuba lokucasha ngesithupha uma sihlulwa yiZamalek,” kusho lo kaputeni oseBurkina Faso neBafana Bafana.
UKekana uthe uyabazi ozakwabo futhi uyazi ukuthi nakanjani bazolwela ukufa nokuphila ukuthi le ndebe ibuyele eNingizimu Afrika kwazise igcine kuleli ngo-1995 lapho i-Orlando Pirates inqobe khona ku-Asec Mimosa.
“Lokhu kushaywa yiWits sekungisizile mina njengokaputeni ukuthi uma ngisola ukuthi kukhona abazithele ngabandayo ngibakhumbuze lo mphumela. Yikhona lokhu engizobe ngikushumayela noma sesiqalile silungiselela lo mdlalo weZamalek. Siyazi ukuthi iZamalek izoba nzima kanjani kodwa futhi ngoba sesike sabhekana nayo lokhu kuzokwenza sazi kahle kamhlophe ukuthi sizobhekana nabuphi ubunzima,” kusho uKekana.
Nomqeqeshi wakhe uPitso Mosimane ushilo ukuthi uzobakhumbuza njalo abadlali bakhe ngokuyeka ithuba kuMTN 8 osekumele bakugqibe ngokubuya nenkomishi enkulukazi e-Afrika.