UMENGAMELI Jacob Zuma utshele umbuthano wosomabhizinisi abamnyama ukuthi kulindeleke ukuthi abamabhizinisi azimele badlulisele kwabamnyama ulwazi nobunikazi kwezomnotho ngokunjalo nokulawulwa kwawo.
Ubekhuluma emcimbini wesidlo weBlack Business Council (BBC) Awards Gala Dinner eSandton ngoLwesibili lapho uZuma ethe: “Abamabhizinisi azimele kulindeleke ukuba babelane nabamnyama ngobunikazi bamabhizinisi, ukulawulwa kwawo nolwazi.”
Kulo mcimbi bekukhona noMengameli weBBC uDkt Danisa Baloyi, injinga enguMnuz Patrice Motsepe, oNgqongqoshe beKhabhinethi uLindiwe Zulu, Malusi Gigaba noNathi Mthethwa noMgcinimafa we-ANC uDkt Zweli Mkhize.
UZuma uthe: “Inqubomgomo yohlelo lwethu lokufukulwa kwabamnyama kwezomnotho nokwenzelelwa kwabo, kumele isuse imigoqo endleleni, eyezikhathi zakudala nezikhathi zamanje, ebonakalayo nengabonakali, okuyiyona enqinda abamnyama okuyibona abayiningi, ukuthi bangabambi iqhaza emnothweni nasekuzuzeni ngawo.”
Uthe ukuze izwe liphumelele kumele izinhlangothi zombili, olwezimboni ezizimele nolukahulumeni, zigxilise le nqubomgomo futhi ibonakale isetshenziswa.
“Kuyancomeka okwenziwa ngabatshalizimali bamazwe omhlaba. Sesitholile ukuthi iningi labatshalizimali lifuna isiqiniseko nokucaciselwa. Bafuna ukuzwa ukuthi inqubomgomo isebenza kanjani nokuthi yini elindeleke kubona. Abamelene nokuthi kulungiswe umonakalo owenziwa wubandlululo esikhathi esedlule.”
UZuma uthe mkhulu umsebenzi ohlalele iBBC ukuthi ihambe phambili ekulethweni kwezinguquko kwezomnotho eNingizimu Afrika.
“Ninesibopho sokuthi nisebenze nohulumeni wentando yeningi ukuqinisekisa ukuthi imikhombandlela eyahola umzabalazo wethu wenkululeko iyafezeka,” kusho uMengameli.
“Nithathe isinqumo sokuthi kusihlwa namuhla niklomelise labo ababhula amazolo kwezomnotho nabaholi abamnyama abenza kahle ngokwedlulele, ababambe iqhaza ekuvuleleni isikhala abamnyama ukuthi bangene endimeni yezomnotho. Ngokwenza kwenu nisikhumbuze inqubekelaphambili esibe khona phezu kwazo zonke izithiyo ezibhekene nabamnyama abasungula amabhizinisi.”
Uthe kunoma yimuphi umnotho ukuze kube nempumelelo kumele izakhamuzi zakhona eziyiningi zibambe iqhaza elibonakalayo, okungale kokuba zibe ngabasebenzi. Kumele zibonakale zingabanikazi, ziyizikhulu eziphezulu nezimenenja ezinkulu, futhi zibe ngabakhi benqubomgomo kwezomnotho.
UZuma uthe kusukela ngo-1994, uhulumeni oholwa yi-ANC wasibona isidingo sokuba umnotho ungabi ngawabohlanga olulodwa nokulawulwa kwawo
“Inhlabamkhosi esiqondisayo kulokho uSomqulu weNkululeko, lapho uthi khona aBantu Bayokwabelana Engcebweni Yezwe. Isidingo sokuthi sibe nomnotho odidiyele uwonkewonke nemisebenzi ehloniphekile, yisona esiphambi kwethu njengomkhombandlela. Kufanele siqede ubuphofu futhi sibhekane ngqo nokungalingani kwabantu emphakathini wethu.”
UZuma uthe njengengxenye yokugqugquzela ushintsho kwezomnotho nokukhula, inqubomgomo iBroad Based Black Economic Empowerment (B-BBEE) ihlelelwe lokho futhi kumanje uyaqaliswa.
Uthe i-B-BBEE ayiqaliswanga “ukuze uhulumeni athi kukhona okuthile akwenzayo.”
“Imithetho yokuthuthukiswa kwabamnyama ngokwezomnotho kufanele ivule iminyango, isuse izihibe ezingokomlando nezamanje, nezivimba iningi labantu abamnyama ukuhlomula ngakwezomnotho.”
– African News Agency (ANA)