Kungase kuboshwe amanye amaphoyisa

Comment on this story
NO IPD . UMNUZ Moses Dlamini

BAWINILE NGCOBO

UPHIKO oluphenya ngamacala athinta amaphoyisa kuleli i-Independent Police Investigative Directorate (IPID) luthi lungase lubophe amanye amaphoyisa ngamacala okushaya ngenhloso yokulimaza nokubamba inkunzi, kulesi sifundazwe.

Okhulumela lolu phiko uMnuz Moses Dlamini usho kanje emuva kokuboshwa kwamaphoyisa ayisithupha.

Uthe bayaqhubeka nophenyo lwabo emuva kokuthi kuboshwe la maphoyisa, amahlanu awo, ashaqwe esiteshini asebenzela kuso eCavendish, eMalvern ngoLwesine ebusuku, elinye laziyisa kubaphenyi balolu phiko ngoLwesihlanu ekuseni.

La maphoyisa ophiko, iProtection Security Services, uWarrant Officer Kirubabhum Naidoo (33), noConstable Bukani Dlamini (29), Good-Enough Dlamuka (34), Mandlakayise Mkhwanazi (32), Kenneth Gwala (33) no-Ayanda Gwexa (32) bavele eNkantolo yeMantshi eThekwini ngoLwesihlanu bakhishwa ngebheyili ka-R1 000 umuntu ngamunye.

I-IPID ithi phakathi kwezinye izinto azenzayo la maphoyisa abeka izidakamizwa emizini yabantu bese ebabamba inkunzi ngokuthi athi abakhokhe ukuze bangaboshwa.

Ngesikhathi ibakhipha ngebheyili iMantshi u-Anitha Govender, ithe akukho okungenza ukuthi laba basolwa bagcinwe ezitokisini ngoba umbuso ubungaphikisani nesicelo sebheyili.

Unxuse abasolwa ukuthi bangaxhumani nofakazi kuleli cala njengoba kuvela ukuthi bayabazi futhi bazi nalapho behlala khona.

Ngesikhathi umbuso uchaza ngamacala abekwe la maphoyisa uthe basolwa ngokuthi bagasela kwenye indawo lapho babesola khona ukuthi kukhona owayedayisa izidakamizwa.

Kuthiwa la maphoyisa afike angena ngenkani, afaka upulastiki ekhanda lomunye wabamangali, wancisheka umoya, aphula induku yomshanelo, amdlokodla ngayo ezinqeni.

La maphoyisa asolwa nangokuthatha ngenkani imali kunina womunye wabamangali.

Kuthiwa athatha u-R5000 kodwa abhala phansi ukuthi athathe u-R700.

Ngesikhathi eboshwa amaphoyisa kuthiwa uNaidoo utholwe nensangu, izidakamizwa, izinhlamvu nesibhamu okungekho emthethweni.

Ummeli wala maphoyisa, uJayshree Baijnath uthe uyamangala ukuthi abekwe icala lokudlwengula kodwa kube kuthiwa asebenzisa umshanelo ukudlokodla lo wesilisa ezinqeni.

Uthe akusilo iqiniso ukuthi uNaidoo utholwe nezinto ezingekho emthethweni ngoba isibhamu atholwe naso ngesomsebenzi, izidakamizwa atholwe nazo ubephuma nazo endaweni abezithole kuyo esayozibhala encwadini okubhalwa kuyo okusuke kutholwe amaphoyisa lapho elwa khona nobugebengu.

Uthe la maphoyisa asebenza amacala abucayi okubalwa kuwo nawezidakamizwa.

La maphoyisa azophinde avele eNkantolo yaseThekwini ngoJulayi 18 ukuze anikwe iNkantolo okuzoqhubeka kulo icala.

Umbuso uveze ukuthi bonke ubufakazi sebuqoqiwe njengoba izitatimende zofakazi zithathiwe ngisho incwadi kadokotela yalo owadlokodlwa ngenduku yomshanelo isikwidokodo.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.