isolezwe1
isolezwe-2
isolezwe-3

Kungayibulala ingane ukudla izihlambezo usakhulelwe

Comment on this story


NO PREGGERS

.

IZIHLAMBEZO zingadala ukuthi ingane ishone ingakazalwa

KUNGAYIBULALA ingane yakho ukusebenzisa isihlambezo ngesikhathi ukhulelwe.

Miningi imishanguzo esetshenziswa omama abakhulelwe lapho bezama ukulungiselela ukuthi babelethe kahle.

Okunye basuke bekwenza ngoba kuwumkhuba owawenziwa abadala bebe bengayazi imiphumela yakho.

Isihlambezo omunye wemishanguzo ongoti bezempilo abangafuni ngisho ukuzwa ngawo. Bathi lo mshanguzo ungadala ngisho ukuthi ingane ife ingakazalwa.

UDkt Bongani Nxumalo wenhlangano ezimele, iKhanya Afrika, uthe kuvamile ukuthi abesimame bazisebenzise izihlambezo lapho bekhulelwe futhi lokhu kuba nomthelela omubi ezinganeni uma zigcina zizalwe ziphila.

Ziningi izizathu ezibekwa yilabo abasebenzisa izihlambezo. Abanye bathi basuke befuna ukuhlanza ingaphakathi labo ukuze bezozala kahle uma sekufika isikhathi kanti abanye basuke befuna ukusheshe bazale.

UNxumalo uthe ngesikhathi umama ozithwele ephuza isihlambezo nemishanguzo efana naso, kuthinteka isibeletho nokudala ukuthi ingane ifune ukuphuma ngesikhathi esingesona.

Ukuchaze kanje ukuzalwa kwengane isikhathi singaka fiki: “Kufana nokuthi umuntu uzama ukuphuma esicabheni esivaliwe. Ingane ilokhu izama ukuphuma ube umzimba kamama ungakakulungeli lokho. Ekugcineni ingane iyakhathala kokunye iphunyule izimoshe bese iphefumula udoti osuke uphumile. Ingagcina ifile,” kusho uNxumalo.

Mningi kakhulu umonakalo ongagcina udalwe ukuphuza le mishanguzo. Uma abakhulelwe bevakashela imitholampilo bayahlolwa ukuthi ingane isakhula kahle yini nokuthi imi ngaluphi uhlobo ukuze kwazeke ukuthi umama uzobeletha hlobo luni ngasiphi isikhathi.

Kokunye loyo ophuza isihlambezo usuke ethwele ingane enkulu obekuzodingeka ukuthi ahlinzwe uma eyibeletha.

UNksz Gabi Mdletshe ongumhlengikazi esibhedlela i-St Aidans uthe abakukhuthazi ukusetshenziswa kwale mishanguzo njengoba ibuye idale izifo ezifana nomdlavuza kwabesifazane.

“Ziningi izinto ezithakwa kule mishanguzo ngenhloso yokuthola imali kubantu. Ezinye zalezi zithako zinemithelela emibi futhi azaziwa ukuthi ziyini nokuthi ezokwenzani,” kuchaza uMdletshe.

sign up

Share |  

Facebook icon

Facebook

Twitter icon

Twitter

Google icon

Google

Yahoo icon

Yahoo

Reddit icon

Reddit

del.icio.us icon

del.icio.us

Pinterest icon

Pinterest

Email

Print

  • Rate this article
  • Average reader rating (0 votes) 0 Stars

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
BlinG
I'm a 20 year old man looking to meet women between the ages of 18 and 21.
View Profile
BlinG
I'm a 20 year old man looking to meet women between the ages of 18 and 21.
View Profile
Howad
I'm a 35 year old man looking to meet women between the ages of 18 and 35.
View Profile
IOL - dating
Ozo
I'm a 37 year old woman looking to meet men between the ages of 36 and 45.
View Profile
IOL - dating
nooky
I'm a 22 year old woman looking to meet men between the ages of 27 and 35.
View Profile
IOL - dating
PawPaw
I'm a 31 year old woman looking to meet men between the ages of 36 and 40.
View Profile