Advertisement

Kungqongqe imijondolo

USHIYE kukhalwa umlilo ongqongqise imijondolo yaseMawosi ngoLwesibili ekuseni kwasha yonke into yabahlali bakule ndawo.

Kusolakala ukuthi lo mlilo ubangelwe wukuqhuma kwezintambo zikagesi ebezixhunywe komunye wemijolondolo udonswa endlini enkulu.

UNkk Thembekile Mkhize (58) wase Mawosi ongomunye wabashelwe umjondolo.ISITHOMBE PATRICK MTOLO. Credit: INLSA

UNkk Thembekile Mkhize (58), ohlala kule ndawo, uthe kushe yonke into yasendlini kubalwa imibhede, amathe-levishini, izitofu, omazisi ngisho nemali ebigcinwe ngabahlali ezindlini.

Uthe iningi labantu abahlala kule ndawo basebenza emafemini aseWestmead kanti bebefika ngokuzolala abantu abebeqashe kule mijondoo asebesele dengwane manje.

Uthe babonga khona ukuthi akekho umuntu oshile ngoba intombazane nowesilisa abebelele kule mijondolo ngesikhathi kuqubuka umlilo bezwe kumenyezwa kuthiwa abaphume sekonakele base bephuma ngesamagundane ezindlini abebelele kuzo.

Okunye athe kukhathaze kakhulu abantu kuleya ndawo wukusha kokudla okugcine sekwenza abantu badayise ngothayela babo abebakhe ngabo imijondolo yabo.

Ikhansela, uMnuz Bheki-sisa Hlongwa, libabuthele ehholo lendawo bonke aba-phelelwe yindawo ngesikhathi kusha umlilo kuleya ndawo.

UHlongwa uthe abantu abasele dengwane bahanjiswe ehholo kanti inkinga enkulu wukuthi bebeqashile lapho bebehlala khona kodwa bazobahambisela ukudla nezimpahla zokwembatha.

Uthe abahlali balapha bacele ukunikezwa izinto zokuqala phansi imikhukhu yabo ngakho ubesazama izinkampani ezingasiza ngalokho.

Ilinganiselwa kwengu-38 imijondolo eshile kodwa abantu abasale dengwane kuthiwe bangaphezulu kuka-40 kuhlanganisa nezingane.

Abantu abaqashe kule ndawo bahlala ngabathathu noma baze babe bane emjondolo owodwa kanti abanikazi bale mijondolo ebiqaqelane emagcekeni emizi emibili bese begaya imali kubantu abasebenza kula mafemu.

Le mijondolo isha nje ngoLwesibili kushe eminye imijondolo eBriadene eThekwini imindeni yasala dengwane.

SHOW ALL
Advertisement