Kungqongqiswe ihholo lomphakathi

Comment on this story
NO ximba2~1 INLSA UNelisiwe Gwala osebenza ehholo lomphakathi elicekelwe phansi ngomlilo kwaXimba. Isithombe: PATRICK MTOLO

MLUNGISI GUMEDE

UMBANGO wezepolitiki oqhubekayo kwaXimba maphakathi neKwaZulu-Natal usuthathe elinye igxathu njengoba izolo entathakusa kucekelwe phansi ngomlilo ihholo lomphakathi ngabantu abangaziwa.

Yonke impahla ebiphakathi kulona okubalwa izitulo namatafula kushe kwaphela.

amalunga omphakathi okhulume neSolezwe kodwa acela ukuthi angadalulwa ngenxa yezimo zokuphepha athi asola umbango wezepolitiki oqhubekayo endaweni ngokushiswa kwehholo.

“Kuningi okungalungile okuqhubekayo endaweni njengokuphazanyiswa kwemicimbi eyenziwa yikhansela namanje kuyacaca ukuthi kusaqhubeka yona indaba yombango,” kusho elinye ilungu lomphakathi.

UNksz Nelisiwe Gwala osebenza ukuhlanza leli hholo uthe bezwe into eqhumayo izolo entathakusa ngabo-2, walunguza ngewindi wabona ikloba lomlilo phezu kwehholo.

“Ngiyasola ukuthi le nto eshise ihholo ijikijelwe phezu kwalo ngoba ukhiye wesango uhlala kimina nowasemnyango, akuzange kugqekezwe,” usho kanje.

Uthe ngeke athi wugesi oqhumile ngoba abakwa-Eskom bafikile bathi akukhombisi ukuthi umlilo uqale ezintanjeni zikagesi.

UNksz Gwala uthe ukube wugesi oshisile bekuzophazamiseka nemizi engomakhelwane basehholo.

“Ayikho enye into, yisandla somuntu esishise ihholo,” usho kanje.

Ngesikhathi Isolezwe lifika kule ndawo izolo ngabo-1 emini bekusashunqa ngaphakathi ehholo yize umlilo ucishwe entathakusa ngabo-4.

Kuthiwa izicishamlilo ebezisuka eThekwini kuzithathe amahora amabili ukucima lo mlilo. Abanye bomphakathi kuthiwa badele ubuthongo beyozama ukucisha kodwa umlilo ubumkhulu kakhulu, kwanhlanga zimuka nomoya.

Isolezwe selike labika kabanzi mayelana nezigameko ezahlukene ezenzeka kule ndawo eziyamaniswa nombango oqhubekayo wesikhundla sekhansela. Inkinga kule ndawo kuthiwa idalwa wukuthi kunabantu abangalifuni ikhansela eliphethe manje uMnuz Musa Mkhize ngoba befuna ikhansela ebeliphethe kudala.

Ngokuthola kweSolezwe, leli qembu elingahambisani noMkhize kuthiwa lishaya phansi ngonyawo lithi ngeke zize ziqhubeke izinhlelo zentuthuko uma ikhansela lingashenxi esikhundleni.

Engxoxweni neSolezwe, uMkhize uthe uzoqhubeka nomsebenzi wakhe yize kukhona abamsabisayo.

UMkhize useze wanikezwa abaqaphi ngoba kubukeka sengathi impilo yakhe ayiphephile.

Amaphoyisa aphenya icala lokushisa ngomlilo.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.