FANELESIBONGE BENGU
U MLINGISI we Sidingo, obegcina ukubonakala kulo mdlalo izolo, uKgomotso Christopher, uqinise idolo abalandeli bakhe ngokuthi izinhliziyo zabo zingakhathazeki ngoba basazombona kuthelevishini maduze.
UKgomotso, obedlala indawo kaKatlego Sibeko kulo mdlalo okhonjiswa ku-SABC 3 ngo-7.30 ebusuku phakathi nesonto, bese kuphele iminyaka emihlanu afika kulo mdlalo njengoba ajoyina ngo-2011 efika nomndeni wakwaSibeko owafika washubisa.
Uthe empeleni waqopha isiqephu sokuqala kwi Sidingo eminyakeni emihlanu edlule.
“Nisazongibona kuthelevishini, akukhona ukuthi sengiyayeka ukulingisa. Ngifuna ukudlala nasemidlalweni yeshashalazi kanjalo nasemafilimini,” kusho uKgomotso ohlelweni lukaBonang Matheba kuMetro FM izolo.
Lo mlingisi obizwa ‘The Educated Actress’ ngenxa yokuthi uneziqu zeBA Law nePolitics azithola eNyuvesi yaseKapa, neM.F.A yeTheatrical Arts ayithola eColumbia University, uthe ukujabulele kakhulu ukudlala kulo mdlalo ngoba kumnikeze ithuba lokukhombisa kahle ngethalente lakhe lokulingisa.
“Ngizizwa ngihloniphekile ngokusebenza nababhali abaseqophelweni eliphezulu,” kusho yena.
Uphinde waveza ukuthi usezokhetha izindawo azozilingisa ezihlukile kunoKatlego ngenxa yokuthi uyazi ukuthi kubantu kusazoba nzima ukukhohlwa wukuthi akasesiye uKatlego.
Uthe kuningi asafisa ukukuzuza ekulingiseni njengendondo yeSAFTA, eyomdlalo weshashalazi neyokuthuthukisa ezobuciko.