Kunzima emindenini yababulawe yiloli

Comment on this story
NO appels3 INLSA UMnuz Thabo Alfred Ndlovu omunye oshone engozini yeloli yakwa Spar e Appelsbosch.ISITHOMBE PATRICK MTOLO

NQOBIZIZWE ZWANE

UMPHAKATHI wasoZwathini, e-Appelbosch, ufuna kufakwe izinciphisa jubane emgwaqweni omkhulu kule ndawo u-R614 kulandela isibhicongo sengozi eyenzeke izolo ekuseni lapho iloli lishayise labulala abantu abahlanu abebeseceleni komgwaqo belinde izinto zokuhamba beya emsebenzini.

Umphakathi wakule ndawo obuthukuthele ugane unwabu ukhala ngokuthi izingozi seziyinsaka-vukela umchilo wesidwaba kule ndawo.

“Namuhla (izolo) kuvalwe ngehlahla njengoba izingane zalaba bazali zizosala zincela izithupha ngoba bekuyibona imigogodla yemindeni yabo,” kusho umsebenzi wasesibhedlela kule ndawo ongagunyaziwe ukhuluma nabezindaba.

Abashonile nguMnuz Alfred Ndlovu, Nkk Thuleleni Mhlongo, Nkk Thembeni Khuzwayo, Nksz Velephi Langa noNkk Bhekisile Zondi okuvela ukuthi bebeyizinsika emindenini yabo. Isolezwe lifike kule ndawo iloli elinamasondo angu-16 elidale umonakalo lifohlokile, izimpahla ebelizithwele zithe chithi saka endleleni.

UNksz Nana Mthembu ozibonele ngo “si” le ngozi uthe bebeyiqulu labasebenzi elilinganiselwa ku-30 belinde izinto zokuhamba izolo ekuseni ngesikhathi kuthushuka iloli ekhoneni kulo mgwaqo lihamba lukeke kucaca ukuthi liyaphaphalaza.

NO appels2 Indodana kamufi uMnuz Alfred Ndlovu, uMnuz Thulani Nala oshone engozini ngesikhathi begugulwa iloli libafaka ngaphansi kwalo kade bezimele eceleni komgwaqo belinde izinto zokubathutha beye emsebenzini, Apelsbosch. ISITHOMBE PATRICK MTOLO INLSA

“Besizixoxela esitobhini ngesikhathi liqhamuka lihamba lukeke kungaqondakali ukuthi libhekephi. Sihlakazeke sabheka le nale, ngeshwa laphaphalazela ngqo lapho abanye bethu bebemi khona. Emva kwalokho kube mnyama emehlweni kithi sonke kwathi emva kwemizuzwana sabona ngezimpahla zabo sesisakazeke umgwaqo wonke kunamagwinya nezikhwama,” kusho uNksz Mthembu.

Eqhubeka uthe nalapho abaqondanga ukuthi kwenzekani, umqondo ubusajamile.

“Angikaze ngizwe ubuhlungu obungaka ngibuka abantu sebekhishwa ngaphansi kweloli ungasaboni nokuthi bangobani ebusweni ngenxa yokulimala. Izidumbu bese sizifanisa ngezimpahla ngendlela abebelimele ngayo, imilenze nezingalo besikujomba sizama ukuyosiza sinethemba lokuthi hleze basindile kanti lutho,” kusho uNksz Mthembu.

UNksz Mthembu uthe usola ukuthi umshayeli ubelele ngendlela okwenzeke ngayo.

“Ukube ubebhekile ubengabamba ngisho amabhuleki noma enze imizamo. Kubukeka sengathi ubelele,” kusho uNksz Mthembu.

Isolezwe litheleka kule ndawo lapho lo mphakathi obumi khona izixongololo ukhungathekile, ubusho ngazwi linye ukuthi akufakwe izinciphisa jubane ngoba lo mgwaqo unamajika amaningi, nezikole zezingane ezincane ziseduze komgwaqo.

NO appels5 Impahla eyonakele echitheke iloli lakwa Spar ligingqika e Appelsbosch.ISITHOMBE PATRICK MTOLO INLSA

UMnuz Thulani Nala, indodana kaNdlovu, uthe abazi nokuthi bazomfihla ngani uyise ngoba nguyena obetohoza yize ebesathatha impesheni.

UNksz Gugu Mabaso womndeni kaNkk Khuzwayo ukhale esifanayo noNala eveza ukuthi abazi ukuthi bazothathani bahlanganise nani ukuze impilo iqhubeke ngoba umufi nguyena obeyinsika yekhaya.

Amaphoyisa ngomlomo kaCaptain Thulazi Zwane athi kuphenywa amacala amahlanu okubulala ngokungehloso kodwa umshayeli weloli ubengakaboshwa.

Umshayeli waleli loli ulimele waphuthunyiswa esibhedlela. Ngesikhathi sokuloba lapha abakwa Spar bebengakaphawuli.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.