YIZE bengakafuni ukukhuluma okuningi kodwa abesiteshi sethelevishini iM-Net, sebekuqinisekisile ukuthi bapheka uhlelo olusha oluzohambela imishado kuleli.
Lolu hlelo oluzokhonjiswa maduze luzobe lukhombisa imishado yabantu bezinhlanga ezahlukene kuleli.
Akukho okuningi okusashiwo ngalolu hlelo kodwa kusakhishwe isimemezelo zokuthi abafuna ukubonakala kulo bangaqala bafake izicelo zokuvakashelwa kusukela ngale nyanga kuze kube sekupheleni kukaMeyi.
Lolu hlelo luzokhonjiswa kuM-Net, DStv (channel 101), ngamasonto.
Okhulumela lesi siteshi uLani Lombard, uthe izinhlelo zemishado ezikhonjiswa kumabonakude emhlabeni wonke zihamba phambili ngokuba nababukeli, nabo bahlose ukwenza kanjalo.
“Ngisho kuleli, izinhlelo zemishado zinababukeli kakhulu kunezinye. Kodwa lolu-ke esiluhlelayo luzokwehluka kancane njengoba sifuna luthinte lonke uhlobo lomuntu obuka isiteshi sethu futhi sifuna imishado ehlukile,” kusho uLani.
Uthe abantu abalindele uhlelo oluzodonsa amehlo omndeni wonke, oluzophinde lukhulise nabanye abahlela imishado yabo, babone ukuthi kwenziwa njani ukuze ube nomshado osezingeni.
Uthe lolu hlelo luzohambisana nabahlela umshado wabo njengoba kungekho lula nakancane ukuhlela umshado.
“Sinxusa noma ngubani osezinhlelweni zokushada asimeme, sizozifikela mathupha. Konke okunye ngalo mcimbi okuhlanganisa negama lohlelo nokuthi luzoqala nini, sizokumemezela maduze. Kodwa engingakuqinisekisa nje ukuthi luzodlala ngeSonto,” kusho uLani.
Uthe izithandani esezithembisene umshado, umcimbi wazo ozoba kulezi zinyanga zokuqala ezinhlanu onyakeni, ezibamemile, imishado yazo iyona ezokhonjiswa kuqala.
AbakwaM-Net bakhipha lesi simemezelo nje, ngonyaka odlule esithangamini sabezindaba esasibizwe iMultichoice, ephethe zonke iziteshi zakwaDStv, baveza ukuthi uhlelo, i- Our Perfect Wedding ihamba phambili ngababukeli.
Abaphathi beMzansi Magic baveza ukuthi bayaziqhenya kakhulu ngalolu hlelo oluhamba phambili futhi ngisho ezinkundleni zokuxhumana kukhulunywa ngalo kakhulu.
Uma ulubuka lolu hlelo kuhlala kunezingqinamba ekulungiseleleni imishado njengoba kujwayeleke ukuthi kube khona okukodwa noma okubili okungahambi kahle.
Ngokombono wami iM-Net, ayishayanga eceleni ngokupheka uhlelo olufana nalolu njengoba kubonakala zithokozelwa kakhulu.