Gallo Images
KUZOCACA kusasa eFNB Stadium, ukuthi u-Itumeleng Khune nabanye abadlali beKaizer Chiefs bazokwazi yini ukubuyisa izinduku ku-Orlando Pirates emdlalweni weCarling Black Label Cup
MTHOKOZISI MNCUSENI noMBONGISENI BUTHELEZI
UQHOSHA ngokubophela abadlali abahle ukubedlula bonke emlandweni weKaizer Chiefs ukaputeni wayo u-Itumeleng Khune osonge ngokucoboshisa i-Orlando Pirates koweCarling Black Label Cup kusasa e-FNB Stadium ngo-7.30 ebusuku.
Lokhu uKhune ukusho izolo lapho iChiefs ibisiyenza khona amalungiselelo okugcina alo mdlalo olindelwe ngabomvu kwazise abadlali abazongena enkundleni bavotelwe abalandeli bala maqembu womabili.
“Ngikholwa wukuthi abadlali abakhona kuChiefs kulokhu banekhono ukubedlula bonke asebeke badlalela leli qembu eminyakeni edlule. Akukona ukuthi ngibukela phansi laba abenza umlando waleli qembu eminyakeni edlule kodwa ngibuswa engikubona ejimini. Sihlangana kahle ungafunga ukuthi besivele sindawonye yonke le minyaka edlule. Abangakukholwa lokho bazokubona sesibhekene nePirates. Ngisho bangakhuluma bathi lo mdlalo ngowobungani kodwa uma kuhlangene iChiefs nePirates akukho bungani lapho,” kusho uKhune oveze nokuthi konke kuhambe ngokohlelo kusukela ekuqaleni kwesonto.
Lo nozinti oyisithandwa sabalandeli akazange aliyeke ithuba lokubabonga ngokuthembela kuyena wase ebathembisa ukuthi uthando abalukhombise kuyena bazolukhokha ngomphumela ozobenza baye embhedeni izinhliziyo zabo zithe kla.
Okunye okushiwo yilo nozinti ukuthi ukuba khona kukaStuart Baxter kubasiza kakhulu ngoba uyilolu hlobo lomqeqeshi onekhono eliyisimanga ekukhuthazeni abadlali bakhe.
Gallo Images
“Sijabule ngaye ngoba usenza sizibone ukuthi sibalulekile futhi singabadlali abaseqophelweni lomhlaba. Ngenxa yakhe sizobulala amaqembu amaningi,” kusho lo nozinti.
Imbangi kaKhune, uLucky Lekgwathi ongukaputeni wePirates uthe, kuyabajabulisa ukuqina kwesikimu seChiefs ngoba lokho kuzobenza bakuthokozele nakakhulu ukunqoba.
“Bathenge kahle impela futhi kuzobanzima ukubhobosa lolu donga lwabo ngoba lubunjwe ngabadlali beBafana Bafana. Sizoya kulo mdlalo ngenhlonipho enkulu kwazise sibhekene neqembu elikhulu njengathi, elinabalandeli njengathi futhi elibophele abadlali beqophelo njengathi,” kusho lo kaputeni oveze ukuthi akasakwazi ukulinda ukubona uSifiso Myeni amthanda esagijima kuBidvest Wits.
Simi kanje isikimu seChiefs: Khune, Siboniso Gaxa, Jimmy Jambo, Morgan Gould, Tefu Mashamaite, Reneilwe Letsholonyane, Josta Dladla, George Lebese, Abia Nale, Lehlohonolo Majoro noBernard Parker.
EsePirates simi kanje: Moeneeb Josephs, Lekgwathi, Rooi Mahamutsa, Thabo Matlaba, Siyabonga Sangweni, Andile Jali, Oupa Manyisa, Mark Mayambela, Myeni, Benni McCarthy noThulasizwe Mbuyane.
) and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.
Services