Kuphele amahlathi kotholwe nensangu

Comment on this story
no Insangu Group AMAPHOYISA aseMariannhill athole insangu eDassenhoek. Abamile kusuka kwesobunxele, uConstable Sakhile Vezi, Warrant Officer Sipho Mhlongo noConstable Sanele Nene. Abahleli oConstable Nonhlanhla Mdabe noWandile Shongwe . Izithombe: MBALI KHANYILE

BAWINILE NGCOBO

KUBOSHWE ibhungu laseLesotho elitholwe nensavunsavu yensangu lapho liqashe khona eDassenhoek ngaseMariannhill izolo.

Leli bhungu (19) litholwe namasaka ayisishiyagalombili egcwele insangu okuthiwa beliwalande kwelakubo.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni uCaptain Thulani Zwane uthe amaphoyisa aseMariannhill alunywe indlebe ngensangu ebiyolandwa eLesotho.

“Amaphoyisa athole ukuthi le nsangu igcinwe ngumnikazi wayo endlini aqashe kuyona eDassenhoek. Amaphoyisa anikele khona namuhla (izolo) ngezithuba zawo-10 ekuseni,” kusho uZwane.

Uthe amaphoyisa afike angqongqoza endlini abeyalelwe yona kwavula umsolwa oqashe kuyona kanti akudingekanga nokuthi aze aseshe endlini abheke insangu ngoba amasaka ayo abezihlalele phansi kuyo le ndlu.

NO HEROIN Phoenix IZIDAKAMIZWA iHeroin ezitholwe kowesifazane ePhoenix izolo. Group

“Enye insangu ibifakwe emasakeni enye inekwe endlini,” kusho uZwane.

Uthe akucaci noma umsolwa ubezoyidayisa endaweni le nsangu noma kukhona lapho abesazoyidlulisela khona.

Oboshiwe uthweswe icala lokutholakala nensangu.

Khonamanjalo izolo amaphoyisa ePhoenix Drug Team abophe owesifazane oneminyaka engu-27 emgwaqweni u-Amblen, ePhoenix ngokutholakala ne-heroin.

Owesifazane kuthiwa utholakale nama-straws angu-20 alesi sidakamizwa.

UZwane uthe amaphoyisa abelokhu eqaphile kwenye indawo edume ngokuba yisidleke sezidakamizwa ngesikhathi ebona umsolwa ehamba emgwaqweni.

Amaphoyisa aye kuyena amphonsa imibuzo wazikhiphela yena ucwazi ocwebezelayo obunale heroin.

Umsolwa kuthiwa uthe ubeyisa lezi zidakamizwa eBarnyard kanti ube eseboshelwa icala lokutholakala nezidakamizwa.

Abasolwa bazovela enkantolo maduze.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.