CLOSE X
Advertisement

Kuphele eyokuhlala zibuya kweyokugubha eyabesifazane

Isolezwe

FANELESIBONGE BENGU

Share this story
UMSAKAZI we Gagasi FM u- Alex Mthiyane nomethuli wezinhlelo zethelevishini u Minenhle “ Minnie ” Dlamini obephethe uhlelo e PlayhouseUsomahlaya ekhonsathini lomama e playhouse.ISITHOMBE PATRICK MTOLOU ZAHARA ubecula aze ashayise abantu ihlombe ekhonsathini ebisePlayhouse ngoMgqibeloU THANDISWA Mazwai ecula ekhonsathini yokugubha inyanga yabesifazane e Playhouse ebigcwele phama ngoMgqibelo ebusuku

ADAYISWE aphela amathikithi ekhonsathi yomculo ebisePlayhouse, ngoMgqibelo ebusuku nobekunandisa kuyona izintandokazi zabaculi.

Le khonsathi ibe ngemuva kwengqungquthela yaminyaka yonke yokucobelelana ngolwazi phakathi kwamaciko, iSouth African Women’s Art Festival.

Abantu bebefika batshelwe ukuthi amathikithi adayiswe aphela eComputicket kodwa abanye babe nenhlanhla bawathola ngaphakathi ePlayhouse.

Ngaphakathi abanye baze baphoqekela ukuthi bame njengoba ibingasekho indawo yokuhlala.

Kule khonsathi eqale ngo-7.30 ebusuku bekuboshelwe abesifazane asebezakhele igama kwezikaqedisizungu.

Phakathi kwabebekhona ngusomahlaya odume ngamahlaya akhuluma ngocansi, uCeleste Ntuli kube nguZahara umculi owagila izimanga umculo wakhe udayiswa ubuthaphuthaphu futhi ewola izindondo nge-albhamu yakhe yokuqala.

Lo mculi okuzothi ngasekupheleni kwale nyanga alibangise eWembley Arena, eLondon, ukuyoshiyelana inkundla nezihlabani zase-Afrika oFlavour, 2 Face nabanye ubeshaya izingoma zakhe abantu banqekuzise amakhanda baze baphakamise izandla.

Ngaphandle kwakhe bekunandisa noThandiswa Mazwai okuthe ngemuva kwale khonsathi wabhala enkundleni yokuxhumana nge-internet, iTwitter, ukuthi ukube ubengakwazi, ubengacula ngisho amahora amabili.

Lokhu ubekusho ngenxa yokuthi unikwe isikhathi esincane wacula izingoma ezimbalwa kule khonsathi, abalandeli bakhe basala bengagculisekile.

UDJ Zinhle ufike ehamba noBusiswa imbongi ezwakala engomeni yakhe ethi My Name Is. Ngemuva kwale khonsathi lo DJ ulibangise eDela Sol kuFlorida Road lapho ebesayojabulisa abantu nakhona.

Share this story
Advertisement
X