ABALANDELI bakaPearl Modiadie bazwelane naye ezinkundleni zokuxhumana ngemuva kokuveza ukuthi usehlukene nesoka ebelimthembise umshado uNkululeko Buthelezi.
Ohlelweni lwakhe nozakwabo u-Amon Mokoena, uPearl utshele abalaleli ukuthi ngeke esashada.
“Umshado ebengithenjiswe wona awusekho. Kodwa-ke yimpilo, ngeke ngisho lutho,” kusho uPearl.
UPearl waveza isoka lakhe ngonyaka odlule elamthembisa umshado beseholidini eZambia ngoDisemba.
Le ntokazi imemezela lezi zindaba nje abantu abaningi bese benaka ukuthi ohlelweni elwethulayo, i Zaziwa ku-SABC 1 ngoLwesine, ayisayifaki indandatho yayo.
Ebuzwa ngabezindaba ngokungafaki kwakhe indandatho uvele wathi akukho angakuphawula konke kusahamba kahle.
Elinye lamaphepha aphuma ngeSonto like labika ukuthi kukhona okungahambi kahle ebudlelwaneni bukaPearl noNkululeko.
Kuphinde kwavela ukuthi uNkululeko usathandana nonina wezingane zakhe.
Ebuzwa ukuthi uzizwa kanjani uPearl ngalokhu waphendula ngokuthi obeyisoka lakhe ubenempilo ngaphambi kokuhlangana naye ngakho ngeke asho lutho kodwa uzobambisana naye.
Naye uNkululeko waziphika izinsolo zokuthi usathandana nonina wezingane.
Isolezwe laba nenkulumo nale ntokazi ngemuva kokuba ithole ithuba lokuba yinxusa lakwaShoprite kwathi libuza ukuthi izoshada nini yathi iyona esamise izinhlelo ngoba isafuna ukwenzela uyise idili lomcimbi wokumbonga.
Abantu ezinkundleni zokuxhumana bazwelane kanje nale ntokazi.
UCynthia Marebane: “Ngiyathemba akakuphulanga inhliziyo yazi. Ngikufisela konke okuhle”.
ULala Mngxuma: “Phephisa nana kuzolunga”.
ULebogang Bee Molobi: “Ngavele ngabona phephisa ntombazane”.
UMamokgete Matesu: “Zaze zazimbi izindaba ezenzeka kule nyanga”.
Isolezwe lizamile ukuthola uPearl kodwa ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa nomyalezo athunyelelwe wona ugcine engawuphendulanga.