Kuphenduka amatafula ngoKK ku-Muvhango

Comment on this story
no kk . NGABE uzobuya esepoka uKK (MacDonald Ndou) ohambe kuthiwa udutshulwe ngabaphangi kuMuvhango?

BONISWA MOHALE

IZIHLATHI zizovakashela izindlebe kubathandi bomdlalo owuchungechunge odlala ku-SABC 2 uMuvhango kulandela ukumenyezelwa kokuthi uzobuya ngezinkani u-KK Mulaudzi, okuyindawo elingiswa nguMcDonald Ndou.

Akucaci noma le nsizwa eshubisa isimo kuMuvhango izobuya iyisipoki noma kuzothiwa ayizange ife njengoba yahamba kuthiwa idutshulwe ngabaphangi ababeyithumbile.

Kulo mdlalo uKK ungusomabhizinisi ongenza noma yini ukuhlala esesicongweni futhi ongesabi ukugudluza abasendleleni yakhe.

Esitatimendeni esithunyelwe ngabakwaSABC 2 bathe ababukeli mabalindele izindaba ezizoshubisa uMuvhango ngoLwesine luka-Julayi 5.

Kuthiwa kuzofika owesifazane onguFhulufhelo ozobe elahlekile engaziwa muntu eGoli.

Ufika ephethe isikhwama esincane esinezithombe zakudala kanti uhambe ebuza abantu ukuthi ngabe bayayazi yini le ndoda esezithombeni.

UFhulufhelo uzofuna umfowabo uMatodzi owahamba eVenda eminyakeni engu-10 eyedlule ezofuna umsebenzi eGoli.

Kuthiwa uFhulufhelo uzohlangana noKhathu umfowabo kaKK njengoba ethi uneminingwane ethile ngokufa kwale nsizwa.

Akwaziwa ukuthi zithini lezi zindaba kodwa zizojika izinto.

Abalandeli balo mdlalo bayazi ukuthi akuhambi kahle enkampanini kaKK, iMasase njengoba iMukwevho Holdings ingafuna ukuvuselela inkontileka yokusebenzisana.

UKhathu uzimisele ukuthatha imali yomshwalense kaKK akhokhe ngayo izikweletu zebhizinisi.

Ngabe izindaba ezintsha ngoKK zizoshintsha lezi zinhlelo? Ngabe umshwalense kaKK usazokhokha?

Yonke le mibuzo izophenduleka ngesonto elizayo.

UMuvhango udlala ngoMsombuluko kuya kuLwesine, ngo-9 ebusuku, kuSABC 2.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.