Kuphenywa odokotela abancelisa amawele

Comment on this story
NO_zungu0 INLSA DKT Sibongile Zungu. Isithombe: SHERELEE CLARKE

INTATHELI YESOLEZWE

KUPHENYWA odokotela basesibhedlela saseThekwini, i-Addington ngezinsolo zokuzenzela imisebenzi yabo eseceleni yize beqashwe nguMnyango wezeMpilo.

Inhloko yoMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal, uDkt Sibongile Zungu, iveze ukuthi odokotela abane bakulesi sibhedlela baphenywa ngezinsolo zokuzisebenza, phecelezi okubizwa ngoku-moonlighter nathe sekuholele ekutheni bangakwazi ukunakekela iziguli ezifika esibhedlela.

Phezu kwalaba kunabanye abangu-30 abaphenywa ngezinsolo ezifanayo.

“Okwamanje sisaphenya laba odokotela abane base-Addington kodwa kungenzeka ukuthi bakhona abanye abenza okufanayo,” kusho uDkt Zungu.

Uthe lezi zinsolo zivele lapho kubekwa ithimba ebelizobheka izinkinga zesibhedlela emuva kwemibiko yabezindaba ngezinkinga zokungaphatheki kahle kweziguli.

UDkt Zungu ukusho lokhu ngesikhathi evakashele lesi sibhedlela ngoMsombuluko ukuyochazela izintatheli ngokuzokwenziwa ukuze kubuyiselwe izinto esimeni.

“Sithole ukuthi abasebenzi kababi bikho emsebenzini okuholela ekutheni iziguli zilinde isikhathi eside zinganakiwe,” kusho uDkt Zungu.

Uthe kwathathwa isinqumo sokuthi awukho umsebenzi wokuzimela ozokwenziwa ngodokotela abaqashwe nguhulumeni.

Uthe lokhu kwakwenzelwa ukuthi odokotela bazinikele emsebenzini wabo kepha bathole ukuthi abanye basaqhubeka nokusebenza imisebenzi yabo yize beqashwe nguhulumeni.

Uqhube wathi uphenyo ngobugebengu lusaqhubeka kanti selufinyelele kuvuthondaba. Uthe kuneminyango abafuna ukuyiqinisa okubalwa kuyo owokugcinwa kwemishanguzo nezinye izinsiza kusebenza, i-Stores.

Uthe lo mnyango yiwo osenkingeni kakhulu ngoba kuningi obekungahambi kahle kuwo.

“Onyakeni esiphuma kuwo kusetshenziswe u-R28 million kuzinsiza kuhlinza. Akukwazi ukuthi ngabe zonke lezi zinsiza kusebenza seziphelile. Sizama ukubona ukuthi yini eyenzekile kuzo,” kusho uDkt Zungu.

Uthe okunye okubaxakayo wukuthi imishanguzo ikhona esibhedlela kepha kayikhishwa, iziguli ziphindiselwa emuva zingayiphethe.

Uthe kubekwe abaphathi abathathu, uNksz Thabisile Sakyi ozobhekana nokulungisa izinkinga zasemawadini, uNksz Philile Nzuza ozobheka ezezimali, noCebo Myeza ozobheka impahla yesibhedlela.

Khonamanjalo, uDkt Zungu unxuse ababesiza ngeMandela Day kulesi sibhedlela ukuthi baphinde bavakashele kuso ukuzobona ukuthi kusahlanzekile yini.

Uthe lolu suku lwaba yimpumelelo enkulu ekuhlanzweni kwesibhedlela.

UDkt Zungu uthe ingaphandle lalesi sibhedlela liyalungiswa okuzothatha imali elinganiselwa ku-R142 million.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.