Kuphoxe isibalo kowe-Gospel in You

Comment on this story
no Gospel Concert4 INLSA UVELISWA Skeyi enandisa ekhonsathini yeGospel In You ebiseJesus Dome, eThekwini . Izithombe: THOKOZANI NDLOVU

SIZWE BLOSE

UKUBA ncane kwesibalo sabantu abebehambele umcimbi obizwa ngeGospel In You akubavimbanga abaculi ukuthi bathokozise ngendlela lelo dlanzana ebelikhona.

Lo mcimbi kade ubanjelwe eJesus Dome eThekwini, ihholo lale ndawo livela laba likhulu kakhulu kunabantu abebehambele lo mcimbi obekunandisa kuwona izihlabane zomculo wokholo. Ngendlela abebezimisele ngayo laba baculi okubalwa kubona uSfiso Ncwane, Hlengiwe Mhlaba, Lusanda Spiritual Group, Thabile Myeni noVeliswa Skeyi kuvele kwafakazela umbhalo waseBhayibhelini, othi ‘bebabili bebathathu behlangene ngegama lakhe naye ukhona’. Bekucaca ukuthi abantu abebehambele lo mcimbi bebezodumisa futhi bezobabaza ubukhulu bukaNkulunkulu. Izandla bezilokhu ziphakeme njalo, kubonakala ukuthi laba baculi bashaya izingoma ezibathinta ngqo emphefumulweni.

Okubuye kwaphawuleka ukuthi lo mcimbi kade uhlelekile kodwa bekubuye kuhluphe imishini yomsindo esiteji obekuphazamisa abaculi yize bebecula nebhendi ephelele. Ukucula kwabo nebhendi ephelele esiteji kubathokozise kakhulu abantu.

Mayelana nesibalo esincane sabantu abahambele lo mcimbi, uMdu Ngcobo weTouch Afrika okuyinkampani ebeyihlela lo mcimbi uthe, okokuqala benza lo mcimbi, bagculisekile ngesibalo sabantu abafikile. “Njengoba sihlele ukuwenza minyaka yonke, sithemba ukuthi isibalo sizokwenyuka. Okubalulekile ukuthi abantu bawuthokozelile lo mcimbi,” kusho uMdu.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.