Advertisement

Kuphoxe isibalo sabantu emcimbini weNkululeko

SIZWE BLOSE

UKUNGABI sikhulu kwesibalo sabantu ebebehambele umcimbi wokugubha Inkululeko obewubanjelwe eCity Hall, eThekwini ngempelasonto esiphuma kuyona, akubathenanga amandla abaculi ukuthi bakhiphe lonke ikhono labo.

IGROOVY elilodwa u-Ayanda ebelicula eCity Hall kugujwa inkululeko. Credit: INLSA

Leli hholo livele laba likhulu kakhulu kunabantu abebehambele lo mcimbi. UJustice Kubheka ongusomahlaya obephethe lo mcimbi ubajabulise kakhulu abantu abebekhona njengoba ebeqhulula amahlaya, uhleko belilokhu luqhuma phezulu.

IMalini ishaye ingoma yayo ethi, Balele balele bachazeka abantu, uZakwe bewungaze ufunge ukuthi uculela inqwaba yabantu ngendlela ebezimisele ngayo, ngesikhathi eseshaya ingoma adume ngayo ethi, Bathi Ngiyachoma kwasukuma wonke umuntu. Abathandi bomculo wokholo abebekhona bathokoziswe uSfiso Ncwane, Avante noNonhlanhla Mlaba. Ngaphandle kwalaba bekukhona namaGroovies kodwa u-Ayanda ubehamba yedwa kukhona nosomahlaya obizwa ngoMpukane.

USthe Khumalo obehlanganise lo mcimbi uthe okwamanje akakhathazekile kakhulu ngesibalo esincane sabantu ebebehambele lo mcimbi. “Into ebeyihamba phambili kumina bekuwukubona abaculi baseKZN nabo besebenza bethola namasenti, uma ubheka kulo mcimbi besibophele bona kakhulu. IGoli uma lihlela umcimbi akubi nenqwaba yabaculi abasuka kwezinye izindawo, yingakho nathi sinabaculi bakulesi sifundazwe abaningi,” kuchaza uSthe.

Uthe okunye okubalulekile ukunika ithuba abaculi ukuthi baveze ikhono labo langempela ngokuthi bacule ngebhendi ephelele kunokuthi basebenzise i-cd.

Ngaphambi kokuthi kuqale lo mcimbi kube nokuhamba ngesikebhe nabanye babaculi kuhlanganisa nabohlelo lwethelevishini iSelimathunzi, kukhulunywa ngokuthi ungathuthukiswa kanjani umculo waseKZN.

SHOW ALL
Advertisement