.
IPHINDE yadla umhlanganiso inkampani yezimoto i-BMW South Africa kwinhlolovo ethathwa njengehamba phambili kuleli i-Sunday Times Generation Next Brand New Survey 2012
SIMPHIWE NGUBANE
UMA uhamba ngeBMW kumele wazi ukuthi uhamba ngemoto ethandwa kakhulu yintsha futhi ethengwa kakhulu ngabantu jikelele. Phela inkampani yezimoto i-BMW South Africa idle umhlanganiso kwinhlolovo eyenziwa minyaka yonke eyaziwa ngeSunday Times Generation Next Brand New Survey 2012.
Le nhlolovo yiyona ethathwa njengehamba phambili eNingizimu Afrika njengoba ibheka inkampani ethandwa kakhulu ngabantu abasha nokuthi abathengi bathini ngayo.
Ngokuhlabana kwayo, i-BMW South Africa ibe isivikela isicoco sayo kulo mncintiswano osekuneminyaka eyisishiyagalombili wenziwa. Abakwa-BMW bahlabane emkhakheni we-Coolest Motor Vehicle nakowe-Coolest Corporate Citizen.
Kusukela kwaqala le nhlolovo, i-BMW iyona ekhombise ukuba ngumakhonya njengoba ithandwa yintsha yaseNingizimu Afrika engananazi ukuyichoma uphaphe legwalagwala ngamagalelo ayo.
Lapha kusuke kuthathwa imibono yentsha engaphezu kuka-6 000 eneminyaka ephakathi kuka-8 kuya ku-22 ngenhloso yokuthola uvo lwayo ngezinkampani ezahlukene ezingu-72.
Le nhlolovo yenziwa kuzo zonke izifundazwe futhi isuke ixube izinhlanga ezahlukene.
Eqoqweni le-Coolest Corporate Citizen, i-BMW iphume phambili ihlula izinkampani okubalwa kuzo eyakwa-Coca Cola, DSTV, Woolworths, noMcDonald’s.
Umqondisi jikelele kwa-BMW SA, uBodo Donauer ubonge wanconcoza ngokuhlabana kwabo ngemiklomelo.
“Siyaziqhenya ngokuhlabana kwethu ngale miklomelo. I-BMW ingene yagxila kubantu bakuleli abangagcini nje ngokuyithatha njengenkampani ekhiqiza izimoto kuphela. Eminyakeni eminingi edlule sikwazile ukungagcini nje ngokukhiqhiza izimoto kuphela kodwa siphinde sabamba iqhaza ekufukulweni komnotho, ekwenzeni-ngcono ezemfundo, ekulweni nezifo nasekuthuthukisweni komphakathi,” kusho uDonauer.
Le nkampani iphinde yaqwaqwada emakhanda inkampani yakwa-Mercedes-Benz ne-Audi abalale isibili nesithathu eqoqweni le-Coolest Motor Vehicle. Kodwa ilale isibili ilandela inkampani i-Blackberry edle umhlanganiso njenge-Coolest Brand Overall kule nhlolovo yalo nyaka.
Ephetha uDonauer uthe: “Indlela esiyisebenzisa uma sizidayisa futhi sixhumana nabantu yakhelwe ngaphansi kwesiqubulo esithi intsha yanamuhla iyona ezobe ibambe iqhaza elikhulu ekuthengenwi kwe-BMW ngomuso ngakho siyazigqaja ngokuthi intsha iyawabona amagalelo ethu.
Ukuhlabana kwethu ngale miklomelo kufakazela khona ukuthi abakwa-BMW South Africa bazibophezele ukunikeza abantu lokhu abakudingayo.”
) and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.
Services